
I-Woodblock DJ’s ibungaza ukuklonyeliswa i-Double Platinum nge ‘Skuta Baba Remix’
EMUVA kokwenza into yamehlo liwola izindondo emcimbini i-2025 Metro FM Awards, iqembu elihlanganiswe uSicelo ‘ButterNut’ Nkomo noMthobisi Vuma, i-Woodblock DJ’s seliklonyeliswe ngesitifiketi se-Double Plutinum nge-remix yengoma ethi Skuta Baba, esibatholele indawo ezinhlizweni zabathandi bomculo eNingizimu Afrika.
Le remix isuselwa engomeni ethi Skuta Baba eyenziwa ngokuhlanganyela u-Cassper Nyovest, Kwesta, Buzzi Lee, Tony Dayimane, Kane Keid, Mvelost no-Set Off.
Labo-DJ bakhiphe unyawo ngesikhathi benza kabusha lengoma ewungqambothi, enothe ngokucikoza, bafaka nomdlandla kuyo othandwa intsha eshaya ‘isicathulo’ emgwaqeni okuyenze yangena shi ezinhlizweni zabathandi bobumnandi.
ISkuta Baba Remix akuyo nje ingoma ejwayelekile kodwa inhlanganisela yomnyakazo – yokubungaza ubunye, isigqi nokuxubana kwezizukulwane ezihlukene.
Idlalwa ubuthaphuthaphu ezinkundleni zomculo, iza kahle kakhulu njengoba ihleli eqhulwini kuma-streaming charts, futhi inike amaciko asebenze kuyo ithuba lokwengeza amazwi awo kule ngoma esifana neculo lesizwe.
Impumelelo ye-Woodblock DJ’s ephethwe i-SoldOut Media imele ikusasa lokubambisana kwabaculi, ukuzimela nokuphusha umculo odlalwa ngobuchwepheshe besimanje eNingizimu Afrika.
“Uma sithi lena impumelelo yethu sonke, siqonde lokho ngqo”, kusho uMnuz. Xolani Majozi oyi-CEO ye-SoldOut Media.
“Lo msebenzi awuvezi kuphela umculo ohlanganiswe kahle kodwa amandla okusebenza ngokubambisana, uzinzo nesiko. Umculo waseNingizimu Afrika uyakhula ngoba sesifunde ukuwenza ndawonye”, kusho uMnuz. Majozi.
USicelo Nkomo ongomunye wabadidiyele le –remix uthe: “Bengifuna le-remix ibe nomuzwa wasembhengweni, ishukumise futhi iphile. Amaciko esisebenze nawo abenzile ubulungiswa, futhi lokho uyakuzwa kuwo onke ama-verse. I-Double Platinum isiyisibusiso, kodwa ngokwami impumelelo enkulu ukubona umculo wethu udibanisa amazwi amaningi”, kusho yena.
I-Woodblock DJ’s ayigcinile ngale-remix yengoma ethi Skuta Baba kuphela njengoba usemningi umculo ozayo, futhi ayizimisele ngokuma ndawo.
Leli qembu elidume ngokuhlanganisa umculo wekwaito, amapiano, house ne-electronic lisazoqhubeka nokududula umculo ogqashula imingcele emculweni odansisayo ophekwe ekhaya. Uma ufuna ukuqasha i-Woodblock DJ’s, ukuhlela izigxoxo neminye imininingwane ungaxhumana no-Neo Dube we-SoldOut Media kuleli kheli le-email elithi: souloutmedia20@gmail.com
