Izindaba

I-NYDA inezinhlelo eziqonde ngqo kwabe-LGBTIQA+ kule-Pride Month

INHLANGANO ebhekele ukuthuthukisa abantu abasha kwezomnotho, i-National Youth Development Agency (NYDA) isikhiphe isitatimende esibika ukuzinikela kwayo ekuqinisekiseni ukuthi abantu abathandana benobulili obufanayo nobabo bayanakwa futhi liyahlonishwa iqhaza labo kuzo zonke izinhlaka zomphakathi.

Njengoba kule nyanga kunemibhiyozo yokuqwashisa ngale mpilo, phecelezi okubizwa nge-Pride Month i-NYDA imemezele ukuthi izoba ingxenye yezinhlelo zokubungaza i-Pride Month, ihlinzeke ukusekwa ngokwezamabhizinisi kwabe-LGBTIQA+.

Izophinde ibambisane neThami Dashi Foundation ukugxilisa ukulingana, ukufukula nokubonakala kwentsha ye-LGBTIQA+.

Le nhlangano idalule ukuthi kungokokuqala ukuthi kumalungu ebhodi yayo ibe neliphumele obala ngokuba isitabane, okuyinto ewubufakazi bokuthi le-Agency yabantu abasha iqinisekisa ukumeleleka okuyiqiniso ebuholi bonke.

Iphethe ngokunxusa uhulumeni, izinhlangano zomphakathi nosomabhizinisi ukuba babambe iqhaza ekusunguleni izindawo eziphephile, amathuba alinganayo nokuqinisekisa ukuthi akekho umuntu osala ngaphandle.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com