
Ucela ukusizwa abuye ekhaya umculi odumile wePiano ohlukunyezwa eNigeria
USECELE abalandeli bakhe bemsize abuye ekhaya uTebogo G Mashego ongumculi wePiano odumile osuke eNingizimu Afrika eyonandisa eNigeria.
Kumanje uMashego wodumo lwengoma ethi Biri Marung uvaleleke edolobheni i-Abuja emuva kokukhansela i-gig abezodlala kuyo kwenye yamakilabhu akhona.
Ufake i-video ekhasini lakhe lika-Facebook ekhala mi izinyembezi, esola abantu abebemsiza ukuhlela uhambo oluya kuleliyazwe, ukuthi sebemlaxazile bengamkhokhele ekubeni engenandawo yokuhlala.

Esithombeni: Ubekhala kanje kwi-video ayiqophe eseNigeria uTebogo G Mashego
Ngaphezu kwalokho akasakwazi ukubuyela emuva ekhaya njengoba engenamali.
Ngokusho kwakhe uMashego ugcine esephoqwa ukuthi adle izidakamizwa ukuze athole ithikithi lebhanoyi abuyele ekhaya. Kule-video ubale namagama abantu abaziwayo abafana noMagroetman noKhabatga Kaosane njengabantu abathembise ukumbulala uma eke wabadalula.
“Ngifike nabantu la, masifika sebeyashintsha ibizwa ngani leyonto? Ngibacele ukuthi bangithengele ithikithi ukuze ngiphindele ekhaya noma bengayigcina imali yokunandisa. Manje bathi ngeke kwenzeke lokho ngoba sekusayinwe inkontileka”, kusho uMashego.
Uveze ukuthi uyazisola ukuthi beyaphi ngoba nabangani bakhe bebemkhuza ngalolu hambo. “Kwanami ngishilo ukuthi angithandi ukuza la. Ngeke ngihlale la inyanga yonke, angikho6 kahle. Futhi manje sengisele ngedwa, sebevele bangishiya [engifike nabo].
UMashego oneminyaka engu-23 usohambeni lwaseNigeria lapho ezonandisa khona emakhonsathini ehlukene kusukela ngomhlaka-4 Zibandlela (December) kuze kube umhlaka-30 Zibandlela 2025.
Kule-video uthe usekhathele ukufuna imali yakhe kubantu abadala ngoba kuba ngathi akabahloniphi.
Uthe ubatshelile ukuthi angamane afe, ufuna imali yakhe yena futhi ngeke ahlale la kuze kube umhlaka-30 Zibandlela (December).
Wenze enye i-video lapho abebasela khona izimali zakhe kubo bonke abamkweletayo kuhlanganisa nayithole nge-single eshise izikhotha ethi Biri Marung.
