EZISEMATHENIIzindaba

Basola uMkhwanazi ngokusetshenziswa owayengungqongqoshe wamaphoyisa

BAYANDA abasola ugcobho ngesithangami sabezindaba ebesibizwe ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini.

U-Marry de Hass oyi-Violence Monitor esifundazweni saKwaZulu-Natali usola uMkhwanazi ngokusetshenziswa ungqongqoshe obephethe umnyango wamaphoyisa phambilini.

Lokhu ukusho emuva kokuthi uMkhwanazi ededele amabhomu ngokuziphatha kukangqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz. Senzo Mchunu okuhlanganisa ukusebenzisana nezigebengu kanye nokuhlakaza uphiko obeluphenya amacala okubulawa kosopolitiki.

U-Lt. Gen. Mkhwanazi uthe kunegunundu lezigebengu elisebenza nezikhulu zamaphoyisa kuhlanganisa naye uMnuz. Mchunu eselize lagamanxa nasekusebenzeni kwezobulungiswa zakuleli.

U-De Haas uthe ukuziphatha kuka-Lt. Gen. Mkhwanazi akwamukelekile, ekhala ngokuthi bekumele uma kunezikhalazo ezikhona azibike ephalamende kunokuzisakazela abezindaba.

Uthe kungenzeka ukuthi kunomuntu opheke yonke lento eyenziwe uMkhwanazi.

“Empeleni ngiphoxeke kakhulu ngaye ngoba ubebukeka eza kahle, kuningi okuncomekayo akwenzile. Ngicabanga ukuthi ugwamandwe ungqongqoshe obephethe ngaphambilini. Ngizibuza ukuthi ubani lo ophehla yonke lento, ubani umpheki waleli bhodwe wase elidlulisela kuMkhwanazi ukuba liphakwe nguye.

“Angikholwa ukuthi kusuka kuye, kunamathuba amaningi okuthi naye usebenzisana nabathile abamsebenzisayo”, kusho u-De Haas.

Omunye ophawulile emuva kwalesithangami u-Paul O’Sullivan oyi-Forensic Consultant othe usebhalele ungqongqoshe wamaphoyisa ukuthi aphenye ukuziphatha kukaMkhwanazi. Uthe akwamukelekile ukuthi ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni eqe abaphathi akhulume izindaba ezinkulu zangaphakathi.

Uthe ukuziphatha kukaMkhwanazi kumele kuqashelwe.

Uqhubeke wathi ngo-2012 uMkhwanazi nokhomishane wamaphoyisa kuzwelonke, u-General Fanie Masemola babehambe baya phesheya nosomabhizinisi othile owayene-tender emnyangweni wamaphoyisa, bona bobabili babuya nezipho zezimpahla zamalebuli abizayo ezinjengo-Luis Vitton zenani elilinganiselwa ku-R70 000 kuya phezulu umuntu ngamunye kodwa bakufihla lokho.

Uphinde wasola uMkhwanazi ngokugqoka umfaniswano we-Special Task Force ebe engesilo ilungu layo. Uthe ukufika kulesithangami egadwe ngenhlokohlela yezibhamu izimpiko zezinga eliphezulu emaphoyiseni i-Special Task Force ne-National Intervention Unit futhi ezivale ubuso kufanele kuthathelwe phezulu ngoba kuhambisana nezinhlelo zokuvukela umbuso.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com