Izindaba

BASOLA IJELE NGOKUBULALA U-R. KELLY NGAMAPHILISI ABAMELI

UPHUTHUNYISWE esibhedlela kukubi umculi otholoza ejele, u-R Kelly emuva kokudla amaphilisi awanikwe abasebenzi basejele aboshwe kulo, i-Carolina Prison. Abameli bakhe batshele abezindaba ukuthi labasebenzi bebephezu kwetulo lokuzama ukubulala ikhasimende labo.

Abameli bathe lomculi odonsa isigwebo seminyaka engama-30 unikwe onogada basejele amaphilisi amaningi ngenhloso yokumbulala. U-R Kelly emuva kokuboshwa uphathwe isifo sokhwantalala wabe eseqala ukudla amaphilisi aso.

Uboshwe ngamacala okushintshiselana ngocansi, kanye nokushushumbisa abantu ngenhloso yokubenzisa ucansi.

Emaphepheni asenkantolo kuvele ukuthi ngomhlaka-10 Nhlangulana 2025 onogada basejele bashintshe igumbi abehlala kulo bambeka yedwa, ngenhloso yokwenza ngokungaphazamiseki itulo lokumbulala.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com