Izindaba

Ushonile umfanyana (13) odlwengulwe ebhukuda eDuduza

KUGCINE kumenele umfanyana oneminyaka engu-13 odlwengule ebhukuda nozakwabo eDuduza ngoLwesihlanu ekuseni. U-Andile Vilakazi udlwengulwe washawa enontanga bakhe iqembu elizibiza nge-Topless Gang.

Emuva kwalesigameko uphuthunyiswe esibhedlela opha kakhulu ngemuva futhi elimele kanzima engalweni.

Abangani bakhe bathe uyena yedwa odlwenguliwe ngoba ubelwa naleli qembu ebelibashaya futhi bakholwa ukuthi yikho okuholele ekutheni ashone.

Esithombeni: U-Andile Vilakazi esesibhedlela

Omunye wabangani baka-Andile obizwa ngoTebogo uthe noma engabonanga kahle kodwa wabona amadoda amathathu (3) eshintshana ngaye aze amlimaza ingalo yesinxele ngoba wayelwa nawo.

Umsolwa oneminyaka engu-17 owaziwa ngegama likaRamos Gama endaweni uyena owaziwa izisulu njengoba abanye ayehamba nabo bengaziwa.

Emuva kokuba umphakathi uzwile ngalesigameko uhlanganile waya emzini wakubo kamsolwa ngeshwa uhlangabezane nezimbila zithutha njengoba abazali bakhe bale ukhasha bathi ingane yabo ayisona istabane.

Amaphoyisa athintiwe ngalolu daba athi atsheliwe ngesigameko kodwa asaphenya. Anxuse umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho ngokwawo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com