
Avalwe thaqa amahhovisi e-Afrika Mayibuye kaShivhambu abesehhotela elinogcobho
UMASIPALA waseGoli uvale inhlokohhovisi yeqembu elisanda kusungulwa eliholwa uMnuz. Floyd Shivambu, i-Afrika Mayibuye Movement emuva kokuba abahloli bethole ukuthi miningi imithetho engalandeliwe yihhotela eqashe kulo.
Ngesikhathi kuhlolwa izakhiwo emgwaqeni u-37 Hampton Road kutholakale ukuthi ihhotela elibizwa ngeMhulu Luxury Boutique Hotel lisebenza ngokungemthetho ekhelini elifanayo nokubhaliswe ukuthi liyinhlokohhovisi ye-Afrika Mayibuye Movement kwa-IEC.

Esithombeni: Ingxenye ewubukhazikhazi ngaphakathi eMhulu Luxury Boutique Hotel
Umasipala uthe isakhiwo saleli hhotela asiqinisekisiwe umasipala njengoba lungekho uhlelo lokwakhiwa kwaso olwanikwa ihhovisi lezakhiwo futhi azikho izinhlelo zokuphepha zokumelana nokusha komlilo.
Ube usukhipha isaziso sokuthi konke okwenziwa ngaphakathi kumiswe futhi kusazolandelelwa konke okuphathelene nokusebenza kwalo.
