EZEMIDLALOIzindaba

EzikaMagebhula zigebhule i-Stellies

I-Orlando Pirates ihlwithwe indebe eqenjini lase-Cape Town, i-Stellenbosch FC nayo ebivutha ingabaselwe emdlalweni wamanqamu e-MTN 8 eMbombela Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.

UTsepang Moremi ungene esuka ebhentshini washaya amagoli amabili (2) waphinde wasiza i-Pirates ukushaya igoli lesithathu okuyilo elishayele isipikili sokugcina.

Bese kungokwesine ezikaMagebhula zithatha lendebe kulandelana

Umdlalo walamaqembu ushise uqala waze waphela. Umdlalo uphele zibambene ngelilodwa ngapha nelilodwa ngale. Kwaze kwaphoqa ukuthi kuyiwe esikhathini esengeziwe .

Kuyithathe imizuzu emibili i-Pirates ukuthi ifake igoli. Emuva kwalokho ibingasabambeki.

UMoremi ufake igoli lokuqala aliphushelwe u-Oswen Appollis, kwalandela elikaTshegofatso Mabaso aliphushelwe uyena uMoremi.

UPhindile uMoremi wabeka elesithathu aliphushelwe u-Appollis.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com