EZISEMATHENIIzindaba

“ASITSHELWE LUTHO NGOKUMISWA KWEMISHANGUZO EVELA EMELIKA” – UDKT. MOTSOALEDI

UNGQONGQOSHE wezempilo kuleli, uDkt. Aaron Motsoaledi uthi akukho okuphathekayo abasakuthole kuhulumeni wase-United States (US) mayelana nokumisa zonke izinhlelo zokuxhasa ngemishanguzo okuhlanganisa neyegciwane lengculazi nesandulela sayo emhlabeni wonke.

Ubekhuluma kanje nabezindaba ngesikhathi kuqhubeka umhlangano we-Cabinet Lekgotla ePitoli ngoLwesithathu.

Umnyango wezempilo uthola uxhaso lwemishanguzo olungu-17% ohlelweni lwehhovisi likamengameli waseMelika, u-Donald Trump, i-President’s Emergency Plan for AIDS Relief (PEPFAR) oluqale ngo-2003.

Isithombe: Umengameli waseMelika, u-Donald Trump okubikwa ukuthi umise zonke izinhlelo zikahulumeni wakhe zokuxhasa ngemishanguzo emazweni ehlukene emhlabeni wonke

UMotsoaledi uthe ngokolwazi abanalo izinhlelo ze-PEPFAR zizoqhubeka ezweni.

“Kuze kube manje akukho ebesisakuthole kuhulumeni waseMelika. Imali yoxhaso noma ngabe iqhamuka esikhwameni senhlangano yomhlaba noma kuyo i-PEPFAR, iye ifakwe emnyangweni kamgcinimafa kazwelonke, umgcinimafa ayikho imali oyitholile, umnyango wezempilo kuzwelonke ayikho incwadi oyitholile, umnyango wezokuxhumana kwamazwe omhlaba nokubambisana ayikho incwadi oyitholile.

“Sizamile ukuxhumana nabehhovisi le nxusa lase-US kodwa kasibatholi. Manje wazi kanjani ukuthi lolu xhaso lumisiwe, ngoba izinhlangano zomphakathi kanye nemitholampilo ethola usizo lwe-PEPFARibona kuphela abathole izincwadi ezibazisa ngalokhu njengoba nani senazi.

“Namuha (ngoLwesithathu) sithole ukuthi unobhala kahulumeni wase-US ubhale incwadi ethi bayakuhoxisa lokhu okwamanje njengoba besazokuhlolisisa lokhu izinsuku ezingamashumi ayisishiyagalolunye (90).. sikholwa ukuthi lokhu kusazoqhubeka”, kusho uDkt. Motsoaledi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com