
“Angikaze ngihlangane noMnuz. Matlala” – Senzo Mchunu
UYAZICHITHA izinsolo ezishaqisayo ezenziwe ngaye ungqongqoshe wamaphoyisa kuleli, uMnuz. Senzo Mchunu zokuthi ungamathe nolimi nosomabhizinisi onezinkinga uMnuz. Vusumuzi ‘Cat’ Matlaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngeSonto ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ubize isithangami sabezindaba enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini lapho ededele khona amabhomu ngobudlelwane bukangqongqoshe wamaphoyisa noMnuz. Matlala.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu uMnuz. Mchunu uthe ubone kubalulekile ukuba acacise izinto ezithile ngezinsolo ezenziwe uMkhwanazi ngaye.
“Ukuphendula izinsolo ezisanda kwenziwa ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni uMkhwanazi, ngesikhathi ngihlonipha ukumemezela kukamengameli ukuthi kube nozinzo, ungqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz. Senzo Mchunu ubone kubalulekile ukuthi acacise lokhu okulandelayo: ungqongqoshe akakaze axhumane noMnuz. Matlaba, akakaze akhulume naye, okanye acele noma athole nomayini kuye kuye”, kusho isitatimende sikaMchunu.
Uqhubekile wathi yena igama likaMatlaba ulazi ngokuthi uke wasebenza udaba lapho [uMatlaba] ubethole khona i-tender obekunezinsolo zokuthi kukhona okungahanjiswangwa kahle ngayo.
“Iyo leyo tender eyagcina ihoxisiwe”, kusho uMchunu.
Uthe nokho uyamazi uMnuz. Brown Mokgotsi. “Uyiqabane nje hhayi umngani kangqongqoshe. Ungqongqoshe akakaze acele lutho kuye noma kube khona akuthola kuye”, kuphetha isitatimende.
