Izindaba

Abe-lotto bachitha eyokucushwa kwemishini ukuze kuwine izinombolo ezihleliwe

IKHOMISHINI ebhekene nokuqapha umdlalo we-lotto kuleli, i-National Lottery Commission (NLC) isikuchithile ukuthi imishini ekhipha izinombolo ezinqobile ze-lotto yakuleli iyacushwa ukuze kunqobe izinombolo ezihleliwe.

Lokhu le nhlangano ikusho emuva kokusabalala kwama-video abantu abehlukene bechaza ukuthi i-Special Investigation Unit (SIU) iphenya inkohlakalo okudala yaqala ukwenziwa i-lotto.

Ukhomishane we-NLC, uNks. Jodi Scholtz uthe njengesakhiwo esisungulwe ngaphansi komthetho umsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi umdlalo nomdlalo we-lotto uthembekile, usobala, futhi akukho okufihliwe.

“Umsebenzi wekhomishane ukuvikela abadlali nokuqinisekisa ukuthi imali isiza ukulekelela imisebenzi emihle”, kusho yena.

Uthe iphalamende libikelwa njalo ngokwenzekayo, ngakho noma iluphi uphenyo olwenziwa i-SIU aluhlangene nemidlalo kodwa lumayelana nezinhlangano ezingenzi nzuzo ezithola imali kube kungafanele.

Uthe basebenza ubusuku nemini ukuqikelela ukuthi i-lotto ihlale ithembekile.

UMnuz. Barney Pityana ongusihlalo we-NLC uthe umdlalo ngamunye we-lotto usebenzisa uhlelo oluphephile, oluqhutshwa ngobuchwepheshe obethembekile futhi ebhekwa abacwaningi ukuqikelela ukuthi yonke into eyenziwayo iyagculisa.

“Akusho lutho ukuthi udlala kanjani noma kuphi, yonke imingenelo iya endaweni eyodwa. Akukho ukwenzelela noma ukwenza okungalungile kuyo yonke imingenelo noma ngabe abadlali basebenzise luphi uhlelo ukudlala”, kusho uPitshana.

Uthe zonke lezi zaba zenzelwa ukunciphisa noma yini ewukungenelela okungafanele okungenziwa umdlalisi we-lotto.

*Lolu daba luke lashicilelwa i-Daily Sun

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com