
Amathiphu ngokufakwa emlonyeni angasiza abaxakwe isifo sikashukela
YONKE into oyidlayo inomthelela kushukela wakho, yingakho isikhathi esiningi uma umuntu ethi unoshukela ngiyaye ngithi akalungise akufaka ngomlomo ngoba yikho okunyusa ushukela kanti ke singakhohlwa nesikufaka ngomqondo kuyawunyusa ushukela. Ingcindezi iyodwa iyawunyusa ushukela.
Ziningi izinto ezikusiza ekulawuleni ushukela kodwa ukudla ukudla okungawunyusi ushukela kuhamba phambili.
Nazi izinto ongazenza ukulawula ushukela:
I-APPLE CIDER VINEGAR NOSHUKELA WAKHO
Uma uzazi ukuthi unenkinga kashukela thatha isipuni se-apple cider usifake emanzini angangenkomishi bese uyaphuza ngaphambi kokudla izokusiza ukuthi ushukela unganyuki kakhulu lokhu kwenziwa wukuthi ine-acetic acid esiza umzimba ukuthi uzwele kwi-insulin.
Zijwayeze ukuphuza i-apple cider uma usuzolala wenzele ukuthi ushukela wakho ulawuleke.
I-OLIVE OIL NOSHUKELA WAKHO
Ukufaka isipuni se-olive oil kwistashi sakho kuyasiza ekwehliseni izinga isitashi esinyusa ngalo ushukela kanti i-olive oil iyodwa nje amafutha okumele uwajwayele uma uhlushwa ngushukela.
Zungeza isitashi sakho ngemifino mhlambe ungathola imbuya, intshungu, imbati noma imifino enefayibha efana nophizi. Ifayibha idlala indima enkulu ekulawuleni ushukela.
Okunye okubalulekile ukuthi uma kade udla ungalinge uhlale phansi, nyakaza nje impela, kanti ke ukujima yithuluzi elidala lokumelana noshukela. Ukunyakazisa nje umzimba ngisho kungaba ngukuhamba kuwushaya kuwubhekise le.
I-pple cider ne-olive oil iyatholakala kuma ezitolo afana no Pick ‘n Pay, Shoprite no Spar. Uthenge okusezingeni, olive oil ayibhalwe u-extra virgin olive oil.
Uqaphele: Uzame ukuthi i-apple cider ingavami ukuthintana namazinyo ngoba ingawalimaza. Ungazama ukuthi uma uphuza uthi gambalaqa, ngaphandle kokuthi kuthinte amazinyo noma uthenge i-straw uphuze ngaso.
*Kulobe uSanelisiwe Sibiya oyi Yoga Instructor
