Izindaba

AMAPHOYISA ASETHOLE ABANYE BOKUFIKA ABEBETHUNJIWE ABANGU-90

AMAPHOYISA akuleli ophiko lwe-Special Task Force asethole abantu abangamashumi ayisishiyagalolunye (90) abangabokudabuka e-Ethiopia bonke bengenawo amaphepha ngoLwesibili e-Sunnydale Ridge eGoli. Kuthiwa laba bebegcinwe lapha kungavunyelwene futhi bebehlukunyezwa kanzima.

Omunye wabatholakele lapha uzisholo yena ukuthi ungowase-Ethiopia futhi akanawo amaphepha. Uthunjwe ngoLwesibili olwedlule eseBenoni, laba abebemthumbile bebemhlukumeza kanzima befonela nomndeni wakhe ukuthi mawufake isamba semali enkulu kubo ukuze bamdedele. Kuthiwa abasolwa kulindekele ukuthi bavele enkantolo i-Palm Rigde Magistrate Court.

Uphiko lwamamaphoyisa i-Priority Crime Investigations (HAWKS) selijutshwe ukuthi luqhubeke naleli cala. Kunconywe amaphoyisa ase-Sandriagham, i-Organized Crime Detectives Unit, Crime Intelligence Unit nawase-Daveynton nezinkampani zonogada ngokusebenza ngokukhandla ukuze kubanjwe abasolwa.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com