Izindaba

Amaphoyisa “asemthume uphuthu” umsolwa obezama ukuwadubula e-Chatsworth

NGEZINTATHA zangoLwesine amaphoyisa kamasipala waseThekwini ophiko lwe-Special Operations Directorate abebheka indoda ebifuneka ngecala lokubulala umuntu emijondolo yase-Bottlebrush

Athe esencizwe indlebe ukuthi ikuphi, aphikelela khona. Iwabonile yakhomba elinye lamaphoyisa ngesibhamu kanti lizodubula kuqala, kwaba kuphela kwayo.

Umsolwa ubemataniswa namacala okuphanga ayishumi nanhlanu (15), amabili (2) okubulala nelokulimaza isaguga esineminyaka engamashumi ayisithupha nantathu (63) emzini waso ezinyangeni ezimbili ezedlule.

Uphinde asolwe ngokweba isibhamu sikanogada kwesinye isigameko naso esibikwe emaphoyiseni.

Alikho iphoyisa elilimele kulesi gameko esesenzeke namuhla.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com