
Ummeli obhalele imantshi isahlulelo ukhishiwe ohlwini lwabameli
KWENZEKE okungavamile ngesikhathi imantshi ibhalelwa ummeli isahlulelo ecaleni labantu abayisithupha (6) abebebophe ungqongqoshe wamaphoyisa ngamacala athinta ukuboshwa okungekho emthethweni, ukushawa amaphoyisa nokugcinwa ezitokisini.
I-SA Legal Practice Council ibhalele inkantolo icela ukuthi igama lommeli, uZoleka Ponoane akhishwe ohlwini lwabameli ngenxa yokungaziphathi ngendlela eyamukelekile.
Kubikwa ukuthi ngo-2012 uPonoane ubemele abantu abayisithupha abebebopha umbuso ngamacala abalwe ngenxa. Ngaphambi kokuba imantshi ikhiphe isahlulelo, ingakasikhiphi enkantolo lithumele ebelisasibhalile esingamakhasi amane (4) kummeli uPonoane. Usifundile wase etshela imantshi ukuthi asibhalwanga kahle. Babe sebevumelana ngokuthi uzobe eselungisa uPonoane futhi angenze abona ukuthi akufakwanga. UPonoane ube esebuyisela emuva emantshini isahlulelo esinamakhasi ayishumi (10), esilungisiwe futhi esivuna abebamele.
Imantshi ngesikhathi isikhipha isahlulelo ifunde lesi esinamakhasi ayishumi, esibhalwe uPonoane. Ibe isisisayina njengesisemthethweni yasinika uPonoane, enye ikhophi ebingekammeli kangqongqoshe uyilande kumabhalane wenkantolo.
UPonoane ube esefakelwa imali ungqongqoshe obekumele ayidlulisele kulaba abebamele nezindleko zecala bezizokhokhwa uyena ungqongqoshe njengoba isahlulelo savuna uPonoane. Kuthe abammeli bakangqongqoshe sebelungisela ukubonisana ngokukhokha izindleko zecala noPonoane basola okungalungile ngendlela obekubhalwe ngayo isahlulelo. Babe sebevulela imantshi icala lobugebengu emaphoyiseni, kodwa kwatholakala ukuthi isidlulile emhlabeni.
Abameli bakangqongqoshe bathole igunya lokuthi lolu daba baluqale kabusha futhi isinqumo semantshi sichithwe.
Ophenyweni olwenziwe amaphoyisa kube sekuvela ukuthi imantshi ibe nokuxhumana noPonoane kudingidwa ngecala nokusebenzisana ukwenza isahlulelo sokugcina. Nokho emuva kokufakelwa isimangalo enkantolo uPonoane ubelokhu ephika ukuthi wenza okungalungile. Uchazile ukuthi imantshi yamnika isahlulelo eyayisasibhala, ube eseyiluleka ukuthi sintekenteke yabe isicela umbono wakhe ukuze sibhalwe kahle futhi sibe nesisindo.
Inkantolo ayizange iyamukele incazelo yakhe.
Ijaji ebelihlalele lolu daba, umahluleli Avinash Govindjee uthe noma sekudlule iminyaka eminingi senzekile lesigameko futhi omangalelwe eqhubeka esebenza ngaphandle kwenkinga, kodwa ngeke akukho okubonisa ukuzisola ngesenzo sakhe.
“Emizameni eminingi yokuthi azineke obala ngakwenza nokuphika njalo makukhulunywa ngalolu daba kukhombise ukuthi uyabona ukuthi wenza into engalungile kodwa ezimisele ngokungayivumi okuchaza ukuthi akazisoli”, kusho uGovindjee.
Ube eseyalela ukuthi igama likaPonoane likhishwe ohlwini lwamagama abameli abasebenza ngokusemthethweni.
