
Amaphoyisa abophe uzakwabo obebamba abantu inkunzi edolobheni eThekwini
ALUHAMBA kahle uhlelo lwezigebengu ebezintshontsha omakhalekhukhwini kubantu ngesikhathi zibanjwa amaphoyisa zizama ukuphanga isitolo esidayisa omakhalekhukhwini enkabeni yedolobha eThekwini ngoLwesithathu ebusuku, ngezikhathi zokubhiyozela ukungena onyakeni omusha.
Kulesigameko kubikwa ukuthi kuboshwe iphoyisa elingu-constable elibanjwe nesibhamu somsebenzi ne-card lomsebenzi.
Ngokusho kukakhomishani wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi abasolwa bezama ukuphanga lesitolo amaphoyisa akwazile ukubona ukuthi kukhona umnyakazo owenzakalayo aphendula.
“Leli qembu belibamba abantu inkunzi libaphuce omakhalekhukhwini babo. Esitolo elingene kusona lithathe omakhalekhukhwini lase liphoqa umsebenzi waso ukuthi ahambe nalo. Ngenhlanhla kunenqwaba yamaphoyisa ebiqaphe ngakuleya ndawo. Abonile ukuthi khona umnyakazo owenzakalayo ase ephendula”, kusho uMkhwanazi.
Ngokombiko esinawo amaphoyisa abajahile abasolwa ababopha. Komunye wabasolwa athole isibhamu samaphoyisa. Kuthe mayemphosa imibuzo ukuthi usithathephi, washo ukuthi naye uyilo – abe esemkhuthuza athola ne-card lomsebenzi.
