EZISEMATHENIIzindaba

ABANEME NGOKUPHAWULA KUKA MQADI WE MAX’S LIFESTYLE

ABANTU ezinkundleni zokuxhumana sebezwakalise izimvo ezingefani ngokuphawula kuka-Max Mqadi ongumnikazi wendawo yobumnandi eseMlazi ngaphansi kukamasipala waseThekwini, i-Max’s Lifestyle. Kune-video evela iziqeshana lapho u-Max evela ekakwe abadlali beqembu lebhola i-Golden Arrows, nezintokazi ezintathu kanye nendodakazi yakhe.

Kule-video u-Max uzwakala ekhuluma ngombono abe nawo ngokusungula lendawo yakhe esidume umhlaba wonke futhi ehanjelwa abantu abasezingeni eliphezulu okuhlanganisa osopolitiki, osaziwayo kanye neziqumama.

Ephawula u-Max uthe le ndawo wayefuna ihluke kunezinye ezikhona eduze kwayo. Wayenombono wokudoba amakhasimende angomacaphuna kusale kanye neminyango kahulumeni. “Ithi ngikutshele uzwe kahle, i-Max’s Lifestyle ayincintisani nosomabhizinisi eyakhelene nabo. Umbono wami ngesikhathi ngakha lendawo ngangiyakhela abantu bezinkampani kanye nohulumeni”, kusho u-Max.

“Ngiyazi ukuthi abantu kuhamba behambe baphelelwe imali, mina bengifuna kuthiwe kufike inkampani yakhipha u-R160 000 ngabantu abangamakhulu ayisithupha (600).

Ubalule izinto ezithokozelwa abantu abahambela indawo yakhe amanye amabhizinisi angenazo. Ubuye wenza isibonelo ngendawo ebizwa nge-Exit ukuthi ayisiyona imbangi yakhe njengoba abantu befika notshwala kwabo kuyona begwazwe.

Le ndawo iqale yakhiwa yaba i-butchery encane futhi kuneshisanyama endlini enegumbi elilodwa ngeminyaka yo-2000. Ngokuhamba kwesikhathi ikhule kangangokuthi kuthe ngo-2016 yabalwa nezindawo ezingamakhulu amabili nesikhombisa (207) zokudla ezihamba phambili emhlabeni.

Isithombe: I-Max’s Lifestyle iqale iyi-butchery encane yagcina isiyindawo ewubukhazikhazi

Uma usungaphakathi e-Max’s Lifestyle kuningi okutholayo njengoba kunezindawo ezihlukene zokudla ukudla okuhlukene, izindawo zokuphuza nezokuzijuxuza, indawo yokuhlanza izimoto nokunye okuningi okukugcina uthokozile.

Noma u-Max ekhulume ngendlela engehli kahle kwabaningi kodwa uyabuyisela emphakathini njengoba enohlelo lokumukelisa kubantu abangomakhelwane bale ndawo abangathathi ndawo ngamaqatha enyama namathambo okuwukudla okuthandwayo emalokishini.

Phakathi kwabantu abagxeke inkulumo ka-Max kukhona okhale ngesibhicongo sokubhidlika kwelinye lamabhilidi okwakunabantu ababezijuxuza kulo ethi labo bantu kwakuyibo laba umnikazi walendawo athi akayakhelanga bona.

Isithombe: Lapha kungesikhathi kubhidlika ibhilidi elalinabantu ababezijuxuza e-Max’s Lifestyle eminyakeni edlule.

Yize abantu abaningi bemgxekile ngokuphawula abatokulike njengokuziphakamisa kodwa abanye bebemeseka futhi bezwakalisa ukuwuqonda umbono wakhe ngale ndawo ewubukhazikhazi obungavamile elokishini. Muva nje isanda kuba nomcimbi i-4th Annual All White Party ohanjelwe osaziwayo nabaculi abehlukene okuhlanganisa noSomizi Mhlongo ongunontandakubukwa nomdansi wakuleli ongaconsi phansi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com