Izindaba

ISIFIKE KU-R4.1 BILLION IMALI ENYULWE ABAFUNA EYOMHLALAPHANSI

INHLANGANO eqoqa intela kuleli i-South African Revenue Service (SARS) imemezele ngoLwesithathu ukuthi isithole izicelo ezingu-161 607 zabantu abafuna ukunyula ebhodweni lemali yomhlalaphansi kusukela ngomhlaka-1 Mandulo. I-SARS ithe imali isiyonke yalazi zicelo isifinyelele ku-R4.1 billion.

Le nhlangano ngesikhathi ikhipha isimemezelo kwabezindaba ithe ukufaka isicelo sokuhosha lemali kuthatha amahora angamashumi amane nesishiyagalombili (48 hrs).

“Kusukela ngomhlaka-1 kuya ku-10 Mandulo 2024 sithole izicelo ezingu-159 853 zabafuna ukunyula imali ebhodweni nokwenza isibalo sibe ku-98.9%, okusho ukuthi i-SARS ithola izicelo ezingu-17 964 ngosuku”, Kusho isitatimende se-SARS.

Ukhomishani we-SARS uMnuz. Edward Kieswetter uthe uma imali isafakwa esikhwameni sempesheni noma sokuthatha umhlalaphansi ayidonswa intela kodwa intela idonswa uma imali isikhishwa esikhwameni, nokuba inani elithile ngokwendlela i-SARS ebala ngayo.

“Laba abakhipha imali manje izobe isibaliwe eyentela ezodonswa”, kusho yena.

Uma umuntu efaka isicelo esikhwameni ubeka inani lemali afuna ukuyenyula bese i-SARS ithola isaziso sokuthi kumele ibale imali okumele iyidonse ngobuchwepheshwe be-eFiling. Bese uma sekubaliwe imali yentela ibe isidonswa ngaphambi kokuba umuntu athole imali yakhe.

“Abantu abakweleta i-SARS kumele bazi ukuthi leso sikweletu sizokwengezwa kulona inani le mali ezodonswa”, kusho u-Kieswetter.

Eqhubeka echaza uthe uma umuntu okweleta i-SARS kunezinhlelo azenzile zokukhokhela isikweletu sakhe, i-SARS izobamba imali yayo ngendlela okuvunyelwene ngayo phakathi kwayo nomkhokhintela.

I-SARS ithe izizathu ezibekwayo ngokukhipha lemali kube ilezi:

*Ukuhlukanisa umshado

*Ukushintsha isikhwama sokugcina imali yomhlalaphansi

*Ukunyula imali komkhokhintela

Ithe njengoba izibalo zishintsha usuku nosuku, yona izolokhu yazisa umphakathi ngokuqhubekayo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com