
OweSiwelele FC ehlazweni lokubhonya intombi yaphuphunyelwa isisu
OWESIFAZANE ozifihlile futhi othi ubethandana nomdlali weSiwelele FC, uRelebogile Mokhuoane usesole lomdlali ngokumhlukumeza kanzima waze waphuphunyelwa isisu.
Lokhu ukudalule emakhasini asezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto edlule.
Ushuthe izingxoxo zabo zika-Whatsapp wazifaka ezinkundleni zokuxhumana. Uphinde wafaka nezithombe ezimveza elimele futhi esola lomdlali ngokumshaya nokumdlwengula.

Esithombeni: Owesifazane eveza izibazi lapho athe ulimazwe khona uRelebogile Mokhuoane
Komunye umbhalo awufakile uthe: “Asithathe lomzuzu sikhumbule labo abahlukumezeka esithe. Abavikela ababahlukumezayo egameni lothando”, kusho yena.
Khona lapho afake isithombe kunethawula nesiqamelo phansi, esihambisana nombhalo othi: “Ungiginqe phansi wathi kimi angikudelise. Nalapho bengikhala kodwa wangama. Ulale nami ngaze ngaphophoma igazi, kwaphoqa ukuthi ngizihlanze igazi usuqedile”.

Esithombeni: Ingxoxo okusolwa ukuthi ibiphakathi kowesifazane noRelebogile Mokhuoane
Uphinde wafaka omunye umbhalo asole kuwo uRelebogile ukuthi ukumhlukumeza kwakhe kuholele ekutheni alahlekelwe ingane abesayithwele esiswini. “Tshela izwe ukuthi ungishaye kanjani ngikhulelwe waze wabulala ingane yakho”, kusho lona wesifazane.
Lemibhalo yakhe isise umsindo ezinkundleni zokuxhumana abantu befuna izimpendulo abanye bethi akwenziwe uphenyo ngalento.
Imizamo yokuthola uRelebogile ayiphumelelanga.
Ebuzwa ngalezinsolo umphathi jikelele weSiwelele FC, uMnuz. Coltrane Munyai uthe bayazi ngaloku daba. “Siyazi ngalemibhalo esabalele ezinkundleni zokuxhumana futhi njengeqembu simatasa nophenyo, kodwa ngeke siphawule kakhulu”, kusho uMunyai.
Okwamanje awekho amacala avuliwe ngalolu daba futhi lona wesifazane usabhala ngokuzifihla.
