EZIKAMABONAKUDEEzosaziwayoIzindaba

Ungenwa amanzi emadolweni ngendawo azoyidlala emdlalweni we-eTV obekuSkeem Saam

UNOZI Langa-Malawo uthi nakuba engeyena umafikizolo kwezokulingisa kodwa kumshayisa ngovalo ukuba ingxenye yomdlalo omusha owuchungechunge oqale ukudlala ku-eTV ngomhlaka-13 Mbasa (April) 2026 othi Emzini.

Bese kuphele iminyaka emibili egcine ukubonakala kumabonakude uNozi njengoba ubesagxile ekukhuliseni ingane yakhe.

Kuthe muva nje wabonakala eziqeshini ezimbalwa zomdlalo oboniswa ku-SABC 1, i-Skeem Saam.

KuSkeem Saam udlala indawo kaGlenda.

Kuthe kusenjalo kwavela izindaba zokuthi ungomunye wabalingisi asebenegama kumabonakude abazovela emdlalweni, Emzini ozodlala ku-eTV ngehora le-21:00 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Ku-Emzini uzodlala indawo kaMmaphefo, nayichaze njengengafani nekaGlenda ayidlala kuSkeem Saam.

Etshela iSowetan uthe uMmaphefo uyintombazanyane yasemakhaya eLimpopo eza eGoli ngenhloso yokuzobheka impilo engcono. Ufika eGoli athole itoho endaweni yokujuxuza ebizwa nge-Emzini, nokuwumsebenzi oshintsha isimo sakhe.

“Umbuzo omkhulu othi uzokwazi yini ukumelana nengcindezi yaseGoli ngale kokuthengisa ngobuqotho bakhe. Lapha uhlangana nezimo ezehlukene nabantu abanemali okuvivinya indlela afuna ukuphila ngayo”, kusho uNozi.

UCHAZA UKUTHI UHLUKE NGANI UGLENDA KU MMAPHEFO

“UMmaphefo ukhonze ukuzidlalela. UGlenda uziqoqe kakhulu, kanti nami nginjalo. UMmaphefo ungikhiphe eqandeni ebengivaleleke kulo. Uphila emhlabeni ozikhululekele, okuyinto engingakaze ngihlangabezane nayo phambilini”, kusho uNozi.

Ebuzwa ukuthi uyayizwa yini ingcindezi njengoba eyingxenye yomdlalo omusha, uthe uyayizwela kakhulu ingcindezi kwazise kuqalwa into entsha. “Kuthatha isikhathi ukujwayelana njengeqembu nokwakha leyo mbumba. Ngithemba ukuthi abantu bazosinika ithuba lokwethula indaba yethu. Kodwa nginesiqiniseko ukuthi abantu bazohlala komabonakude babo”, kuphetha uNozi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com