
Ubondla izingane zakwazo emuva kokushonelwa abazali owine R10m we-lotto
OWESIFAZANE waseMkhomazi, KwaZulu-Natali obekhulisa izingane zakwabo emuva kokufa kwabazali babo uphenduke injinga ngesikhathi enqoba imali engu-R10 744 166 ye-Lotto Plus 2.
Utshele iziko lezindaba ukuthi abazali babo bashone besebancane kodwa kuwuyena osekhulile okuphoqe ukuthi kube uyena onakekela izingane zakwabo ezine (4). “Lokhu sekushintshe sonke isimo sethu”, kusho yena.
Ithuba okuyinkampani ephethe i-National Lottery ikuqinisekisile ukuthi umnqobi we-Lotto Plus 2 useyitholile imali yakhe. Uthenge ithikithi eMkhomazi, KwaZulu-Natali ngo-R20 esebenzisa uhlelo lwe-quick pick kwi-draw ebingoMgqibelo.
Umnqobi we-lotto utshele iziko lezindaba ukuthi selokhu aqala ukuyidlala eneminyaka eyishumi nesishiyagalombili (18) ubelokhu enethemba lokuthi ngelinye ilanga uyonqoba.
“Lokhu kunqoba kuyisiqalo esisha kimi nomndeni wami: akukhona nje ukushintsha kwezinto kimi kuphela kodwa okwethu sonke”, kusho yena.
Lona wesifazane uthe uhlela ukufaka izingane zakhe ezikoleni ezilungile futhi atshale imali emfundweni yazo yakusasa. Uzophinde asize izingane zakwabo ukuthi ziqhubeke nezifundo zazo.
Ebongela onqobile, oyisikhulu esiphezulu seThuba u-Charmaine Mabuza uthe: Kuyamangalisa ukuthi lezizumbulu zemali zinqotshwa abantu abasuke bezoshintsha isimo sezimpilo zabo nemindeni, kuzovuleka amathuba amasha nakwesinye isizukulwane esilandelayo. “Sithokozile ngokunqoba kwakhe nomndeni wakhe. Sibafisela ikusasa eliqhakazile”, kusho uMabuza.
Lona wesifazane ugqugquzele abanye abadlala i-lotto ukuthi “beqhubeke nokudlala behlalele ethembeni njengoba noma nini kungaba yibo”.
Unikezwe usizo lwamahhala lokwelulekwa ngokomqondo nangokuphatha izimali.
