
Ziyawushaya maduze kuMthokozisi Dube noPalesa Phillips
MADUZE nje kuzokliklizwa kuthiwe: “Kwakuhle kwethu!” emzini wakwaDube emuva kokuba indodana kababa u-Benjamin Dube engumculi, uMthokozisi Dube kade ithembisa umshado uPalesa Phillips ongumlingisi.
Laba bobabili basanda kumemezela embhalweni abawenze ngokuhlanganyela ku-Instagram, lapho bebefake khona izithombe zomethembiso wabo.
Kulezithombe uyazibonela ukuthi indawo abebekuyo ibisezingeni eliphezulu, futhi isitayela bekuyi-order yosuku.

Esithombeni: Bekukuhle kudelile emcimbini womethembiso kaMthokozisi Dube noPalesa Phillips
Bekunomdlali we-violin enza ezibukwayo, ehholo ebelihlotshiswe ngezimbali ezikhangayo nonyanyavu lwendandatho esandleni sikaPalesa.
Konke lokhu kubonisa ukuthi uMthokozisi wenze konke okungangamandla akhe ukuze lwakhe nesithandwa lube ngolusoze lwalibaleka.
“Njalo – Yebo. Sesithembisene! Indaba yethu iqale sisebancane, kuzo zonke izahluko ubulokhu uwumngani wami nesithandwa sami esikhulu. My usuyikho konke kimi”, kusho uPalesa embhalweni obuhambisana nezithombe.
“UNkulunkulu ekhona kukho konke, siyathokoza kakhulu ngalo mzuzu nenjabulo oyilethayo. Sibusisiwe. Maduze sizoba uMnuz no Nkk”, kuphetha uPalisa.
