
Uyise wolingisa ku-Skeem Saam ugcine elihlanze lonke iqiniso ngokubulala umndeni
U-WILLIAM Manku ongubaba ka-Amanda Manku olingisa ku-Skeem Saam, uhlulekile ukuzibamba walihlanza lonke iqiniso ngokwenzeka ngesikhathi kubulawa owayengunkosikazi wakhe futhi engumama ka-Amanda, u-Gladys Manku nomkhwekazi wakhe, u-Lettie Maphothoma.

Esithombeni: U-Amanda Manku noyise u-William Manku
NgoLwesibili, mhlaka-3 Nhlolanja (February) 2026 uManku utshele inkantolo, iPolokwane Magistrate’s Court ukuthi babulawa kanjani abantu besifazane ababili, oneminyaka engamashumi amane nanhlanu (45) noneminyaka engamashumi ayisikhombisa (70) ngomhlaka-21 Nhlaba (May) 2021 emzini wabo oseMakgophong eLimpopo.
Kwaboshwa abasolwa abathathu (3) ngo-2024 mayelana nalesigameko.

Esithombeni: U-William Manku esenkantolo iPolokwane Magistrate’s Court
Ngesikhathi kuqhubeka icala, imantshi ifunde isitatimende esibhalwe uManku lapho abeyinika khona ulwazi oluyiqiniso ngenhloso yokuthi kudedelwe intombi yakhe nayo eyaboshwa ngonyaka odlule ngalo leli cala. Kuthiwa intombi yakhe igcine ikhishiwe ejele emuva kobufakazi bokuthi uManku wacela ukuthi imgcinele imali engu-R80 000 ku-account yayo yasebhange, wayikhohlisa wathi imali yokuthenga itekisi.
Kuthe sekubulewe u-Gladys wacela intombi yakhe ukuthi ithumele imali ku-account yasebhange yowesilisa, wathi itekisi izothengwa kuye. Ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi lo wesilisa uyinkabi eyabulala u-Gladys, kanti intombi yakhe wayeyisebenzisa ukudlulisa imali ukuze kungabi bikho okuzamatanisa yena necala.
Esitatimendeni uManku, utshele inkantolo ukuthi walakha kanjani itulo lokubulala umkakhe. Uthe wayenezinkinga zomshado nomkakhe, nokwagcina ngokuthi axoxele ezinye izinsizwa ezingabangani bakhe, ezamluleka ukuthi abulale umkakhe nomkhwekazi wakhe. Uthe ikhona insizwa eyavuma ukuthi iyo ezokwenza lomsebenzi kodwa akakhumbuli ukuthi yathi ingawenza ngamalini.
Leli cala eselidonse isikhathi eside liyaqhubeka.
