EZISEMATHENIIzindaba

Utinyelwe zimbangi kwancane indawo uHellen Zille emuva kokubonakala “ebuhlaba” eSoweto ngoMgqibelo

OGAQELE isikhundla sobumeya eGoli futhi ongumholi we-DA, uNks. Helen Zille usegxekwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana emuva kokufaka isithombe sakhe ebhiyozela ukunqoba kwe-Orlando Pirates ehlule iKaizer Chiefs ngo 3 – 0 e-FNB Stadium, eGoli ngoMgqibelo.

UZille ufake izithombe nama-video akhe ejabula kwenye yezindawo zokucima ukoma, enabantu abaphuzayo. Kwesinye isithombe uvele ephethe ibhodlela likatshwala ngesandla – okuyinto esuse umsindo kakhulu ezinkundleni zokuxhumana nasezimbangeni zakhe.

Umholi we-EFF, uMnuz. Julius Malema nowe MK Party, uMnuz. Mzwanele Manyi bangabanye babantu abamgxeke kakhulu uZille.

UMalema obese-FNB Stadium ejabulela ukunqoba kweZimnyama ubhale ku-X, ebiza uZille ngesidakwa ngolimi lwesiVenda wathi “letakgwa”.

Usihlalo we-ActionSA, uMicheal Beaumont uzwakalise ukushaqeka ukuthi uZille usengumlandeli wePirates kusukela nini. “Angikholwa ukuthi angakwazi ukubabiza ngamagama noma afake okukhombisayo ukuthi ungumlandeli wePirates”, kusho yena.

Egxekwa ukuthi usebenzisa ipolitiki ukunakashela uZille, uBeaumont uthe : “Ngempela? Umcabango wenu wokuqala bekungesikho ukuthi lento engasile kanje ibiyenziwa ugogo omdala ongazi ngokwenzeka ngempela kubantu lana eGoli – lapho angakaze ahlale ngisho kusaphethe ama-Nats?.

Eziphendulela ukuthi ungumlandeli mbumbulu wePirates uZille naye ungene ekhasini lakhe le-X wafaka isithombe esidala esiwubufakazi bokuthi uyibhakabhaka lokuqina.

Selokhu eqale umkhankaso wakhe wokufuna ukuba imeya eGoli, uZille usehlale esezindabeni futhi evakashela imiphakathini ehlukene, kusuka eSandton kuya eSoweto. Muva nje ufake isithombe esisuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana ehlezi emgodini osuyidamu lamanzi eLinbro Park ngenhloso yokuvezela umphakathi ukuthi ingqalasizinda ilimele kuleliya dolobha.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com