EZISEMATHENI

USjava Uyakuchitha Ukuthi Uzovotela I-MK Party

NGESIKHATHI kubalwa osaziwayo abathakasele ukusungulwa kwe-MK Party negama lika Sjava alisalanga ngaphandle njengoba kunekhasi lika Facebook eliqanjwe ngaye elibhalwe ukuthi ‘Sjava-Atm’ ebelinombhalo lapho lomculi ubethi naye usezovota njengoba kuzoba nokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe ngo-2024. Kulo mbhalo bekunamekwe isithombe sophawu lwe MK Party. Ngokubika kwe-SA Hip Hop Mag uSjava usekuchithile ukuthi yena uke waphawula nge MK Party njengoba ethi kunekhasi eliku Facebook elivuliwe, elilandela yena futhi elizifanisa nelakhe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com