
Usizi kuminza usana (2) obelulandela unina eMsholozi, eMpumalanga
UWUQALE kabi unyaka umphakathi wasesigcemeni saseMsholozi C, eMpumalanga emuva kokuba uSibusiso Mnisi, oneminyaka emibili (2) obelandela unina egxambukele emfuleni, i-White River washona ngoLwesibili, mhlaka-13 Masingana (January) 2026.
Ngokusho kukamama kaSibusiso, uThepisang Mnisi uphume endlini ingane yakhe ilele, wawela umhosha ebheke ndawana thize kanti [ingane] izovuka imlandele ngeshwa yashelela yangena emhosheni ongenela emfuleni yahluleka ukumelana namandla amanzi yaminza.
Kubikwa ukuthi lo mfula ugcwaliswe izimvula ezinkulu ezihlasele isifundazwe saseMpumalanga kuleli sonto.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iMpumalanga, u-Lt. Col. Jabu Ndubane uthe amaphoyisa aphenya icala lokufa kwengane eneminyaka emibili eminze emfuleni i-White River ngesikhathi ilandela unina ngomhlaka-13 Masingana 2026.
“Kubizwe zonke izinhlaka ezitakulayo, abezimo eziphuthumayo, nabasebenzi bezempilo ababike ukuthi ingane isishonile
Umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni iMpumalanga, u-Lt. Gen. (Dr.) Zep Mkhwanazi unxuse imiphakathi ukuthi iqaphele njengoba izimvula ziqhubeka nokuna ngamandla, futhi izindawo ezifana nemifula, amaxhaphozi, amadamu, ziyagcwala kakhulu ngakho akufanele kusondelwe kuzo.
Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, kutholwe isidumbu sowesifazane osekhulile emfuleni ofanayo nokuminze kuwo ingane osesigcemeni saseMsholozi C khona eMpumalanga. Akwaziwa ukuthi lona wesifazane umuke nini kodwa kusolwa ukuthi umuke ngesikhathi kuqala izimvula ezinamandla ezihlasele kulesiya sifundazwe kuleli sonto.
