
Ushawe umphakathi waze wafa umfundi wase-Fort Hare obesolwa ngokuntshontsha
BAYAMPHIKELA ukuthi uyisela ozakwabo umfundi wase-University of Fort Hare oshaywe umphakathi waseDimbaza, e-Eastern Cape waze wafa umsola ngokuba isela.
U-Anganathi Gwembu oneminyaka engamashumi amabili nane (24), ubenza i-pastural science eDikeni campus. Kuthe ngoLwesine, mhlaka-7 Ncwaba (August) 2025 wavakashela abangani bakhe ababili (2) abaqeqeshelwa ubuthishela, kodwa abebesafunda ngokusebenza eVelile Senior Secondary School khona eDimbaza.
NgoLwesihlanu bazulile, bayozijabulisa ngokuphuza, babuye babuya endlini abebavakashele kuyo.
NangoMgqibelo baphumile, beyozijabulisa ngendlela efanayo. Ngalolu suku bekufanele abuyele emuva kodwa kwangenzeka.
“Ngesikhathi siphuza sigcine sihlukana, hlampe ngabo-01:00 ekuseni”, kusho omunye umngani wakhe.
Endleleni esebuya ubanjwe izigebengu zamphuca umakhalekhukhwini, zamgumula nezingubo abezigqokile zamshiya nokwangaphansi.
“Usuke lapho edakiwe enjalo, waya emzini oseduze eyocela usizo. Esikhundleni sokumzisa, abantu bakulomuzi bamemeze amalungu omphakathi, bawatshela ukuthi uyisela ubezokweba”, kusho umngani.
“Cabanga kwenzeka konke lokho njalo unqunu lomuntu. Abambuzanga nokuthi kwenzenjani, ufunani ekubeni bebengamazi.
“Bamshaye waze wafa”, kusho yena.
Lesigameko senzeke phakathi kosuku lwangoMgqibelo nangezintatha zangeSonto.
Ngalo iSonto bese kusabalele indawo yonke ukuthi kubulawe isela. Isidumbu sakhe sithathiwe sayogcina emakhazeni aseBhisho ukuze abamaziyo beyomkhomba.
Lezindaba zifikile kubangani bakhe, abayile emakhazeni baqinisekisa ukuthi nebala uyena.
“Ubengazi muntu laphana ngaphandle kwethu, futhi ubengakaze axabane namuntu”, kusho omunye umngani wakhe.
U-Anganathi uzalwe wakhula e-Flagstaff esigodini esincane sase-Holy Cross
Abangani bakhe bathe abakakholwa namanje ukuthi ubengamataniswa nobugebengu. Bamchaze njengomuntu obelungile, obehleze njalo ethokozile.
“Kungiphathe kabuhlungu okwenzekile. Ngifisa ngabe kuyiphupho”, kusho omunye umngani.
“Ubewumuntu ophansi, ohloniphayo”, kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa u-Brigadier Nobuntu Gantana uthe kuvulwe icala lokubulawa kowesilisa esigodini saseTembisa, eDimbaza ngaphandle kwaseQonce.
“Lesigameko senzeke ngabo-03:15 ekuseni. Ngokwemibiko esiyitholile, umnikazi womuzi ubelele ngesikhathi ezwa umsindo wefasitela.
Ophenyweni lethu sithole ukuthi uvule isicabha sangaphambili, wabona u-Anganathi kwase kusuka impi. Umemeze abantu efuna usizo, abanye abathathu (3) babe sebebaleka kwasala umufi yedwa.
“Ushawe ngezinduku waze waze wafa ngenxa yokulimala kanzima”, kusho uGantana.
Okhulumela i-University of Fort Hare, obizwe ngo-JP Roodt uthe bakhathazekile ngokubulawa ngesihluku komunye wabafundi babo. “Sidlulisa amazwi okududuza umndeni womfundi, abangani ne-university yonke ngokusishiya kwakhe ngokuzuma”, kusho u-Roodt.
Isikhungo senza izinhlelo zokuhlangana nomndeni nezihlobo ukuze sidlulise ukubeseka nokuba kanye nabo kulesikhathi sosizi”, kusho yena
