Izindaba

Useze wadedelwa ejele u-Bricks

UMCULI weKwaito odumile kuleli uSipho Charles Ndlovu odume ngelika “Bricks” usephumile ejele.

Lomculi waboshwa ngecala lokudlwengula ngo-2017 lapho inkantolo yamgweba iminyaka engu-15 ebhadla ejele.

U-Bricks uphume ejele ngemuva kokudonsa iminyaka engu-8 wase ethola ushwele ngenxa yokuziphatha kahle kwakhe.

Kubongwe u-DJ Cleo okuthiwa ume naye u-Bricks kusukela eboshwa waze waphuma ejele.

U-Bricks waduma kakhulu ngengoma ethi Sweety my Baby.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com