
ELAKULELI LILELE ENDAWENI YESHUMI NGEZINTOKAZI EZINHLE EMHLABENI
KUVAMILE ukuba izinkundla eziningi kanye nezizinda-lwembu zihlale zihlale zenze inhlolalwazi kubantu ngenhloso yokuthola abantu babona ngalokhu ezisuke zikuhlola. Kulokhu inkundla ebizwa nge-Wethrift icwaninge ukuthi iliphi izwe eliphethe izintokazi ezinhle emhlabeni. Lokhu likwenze ngokuhlaziya lezi zintokazi ezisuke zinqobe izicoco zozime emazweni ehlukene kubalwa nalezi ezisuke zilele isibili nesithathu.
I-Wethrift icele abantu ukuba abantu benike amaphuzu lezintokazi ngokubona kwabo ukuthi zinhle kangakanani maziqhathanisiwe. Lama phuzu abeqala kwamathathu kulabo abasuke benqobe izicoco emazweni abo, amabili kulabo abasuke belale isibili bese liba linye kulabo abasuke belale isithathu.
Ekugcineni abe esehlanganiswa lamaphuzu izwe nezwe ngokuhlukana bese ekhipha umphumela oveza ukuthi iliphi izwe elinezintokazi ezinhle kakhulu.
Le nhlolalwazwi ibihlanganise abanqobe izicoco kusuka ku-Miss Universe, Miss World, Miss International, Miss Grand International no-Miss Earth. Kuyona yonke le mincintiswano i-Venezuela ihambe phambi ngozime abangama-25 abanqobe izicoco kuyona, babe i-17 abalale isibili bese beba i-18 abalale isithathu, nokuyitholise amaphuzu angama-127.
Ozime abahambe phambili ngobuhle ezweni lase-Venezuela kube ngoDayana Mendoza, obe u-Miss Universe ngo-2008 futhi ogcine esengumlingisi nomkhangisi wezimpahla.
“Imincintiswano yozime inika ithuba elikahle lokubuka indlela amazwe ngokuhlukana kwawo ahlaziya nagubha ngayo ubuhle. I-Venezuela, United States ne-Phillippine iwona mazwe avamile ukunqoba izicoco zemincintiswano yozime emhlabeni wonke nokuwaklelisa njengalawo adle ngobuhle futhi athathela phezulu ukubaluleka kobuhle. Le miphumela ikhombisa izinga amazwe aklelisiwe azimisela ngalo ukukhiqiza nokukhangisa ngethalente nobuhle bamazwe awo”, kusho u-Nick Drewe obhekene nezobuhle nempilo kwi-Wethrift.
INingizimu Afrika ilale endaweni yeshumi kule nhlolalwazi njengoba inozime abayishumi abahlale endaweni yesithathu kwimincintiswano ebalwe ngenhla, kuhlanganisa noLalela Mswane. Babe bahlanu abalale endaweni yesibili kuhlanganisa no-Tamryn Green-Nxumalo. Abanqobe imincintiswano babe isikhombisa kuhlanganisa no-Rolene Strauss owanqoba isicoco sika-Miss World ngo-2014 noZozibini Tunzi owanqoba esika-Miss Universe ngo-2019.
