Izindaba

Useyolulamela ekhaya uMakhadzi

USEKHISHIWE esibhedlela ukuze ayolulamela ekhaya umculi we-pop, uNdivhudzannyi Ralivhona odume ngelikaMakhadzi owangena esibhedlela emuva kwengozi eyenzeka ku-N1 ngaphandle kwaseMokopane ngomhlaka-31 Zibandlela (December) 2025.

UMakhadzi ubhalele abalandeli bakhe ngoMsombuluko, mhlaka-5 Masingana (January) 2026 ebazisa ukuthi yize esephumile esibhedlela kodwa akakalulami ngokugcwele, futhi luselude ukhalo.

Lo mculi osewine inqwaba yezindondo walimala esuka eLimpopo elibangise eGoli lapho ayeyonandisa khona emcimbini wokuhlukanisa unyaka. Emuva kwalengozi waphuthunyiswa esibhedlela sasePolokwane lapho abethola khona ukunakekelwa odokotela abasezingeni eliphezulu.

Esithombeni: UMakhadzi esesibhedlela

Esitatimendeni sakhe asikhiphe ngoMsombuluko uMakhadzi ubonge ukwesekwa akuthole emhlabeni wonke, ikakhulu kubalandeli bakhe ababizwa ngama “Khazdinators”. Uthe udokotela wakhe umluleke ukuthi ahlale amasonto ayishumi (10) ekhaya esalulama futhi anganandisi ndawo.

UMakhadzi utshele abalandeli bakhe ukuthi isikhathi azosihlala ekhaya engakayi ukuyonandisa, uzosisebenzisela ukubhala izingoma ezintsha. Uthe okumjabulisile ukuthi izwi lakhe alizange liphazamiseke ngesikhathi elimala nakuthatha njengethuba lesibili lokuphila.

Abaphathi bakhe, iMakhadzi Entertainment bakuqinisekisile ukuthi umndeni iwona ozobhekana nesimo sakhe njengoba ezobe elulamela ekhaya. Ozakwabo embonini yezokungcebeleka kanye nosopolitiki abehlukene bathumele izilokotho ezinhle kuMakhadzi bemfisela ukululama ngesikhathi engabonakali emehlweni abantu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com