Izindaba

Uphuthunyiswe esibhedlela kunzima owesifazane oshawe emqashweni e-Cornubia

UPHUTHUNYISWE esibhedlela kukubi owesifazane emuva kokushawa kanzima amadoda angaziwa emqashweni ose-Cornubia ngaseMhlanga ngoMsombuluko ebusuku.

Ngokombiko esinawo abesifazane ababili abahlala emqashweni e-Cornubia babe nengxabane ngabo-19:00 kusihlwa. Ngesikhathi isishubile ingxabano omunye wabo usabise ngokugqema omunye ngebhodlela likatshwala, okuphoqe ukuthi umastende angenelele abahlukanise.

Omunye wabo uhambile kangaziwa ukuthi uyaphi.

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi sekungabo-22:00 kwafika amadoda amabili abuza lo obelwa nohambile. Uphendulile, athi kaphumele ngaphandle afuna ukukhuluma naye. Unqabile ukuphuma, adudula isicabha amkhipha ngenkani. Abe esembhaxa, emgwaza nangamabhodlela walimala kanzima.

Abasolwa babe sebebaleka, kuze kube manje abakatholakali.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com