
UNtuli uthi kabuye ihlandla lesibili uMkhwanazi
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natali usenze isiphakamiso kukhomishani wamaphoyisa kuzwelonke, u-General Fanie Masemola sokuthi kubuyiswe u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi njengokhomishani wamaphoyisa KwaZulu-Natal.
Lesiphakamiso usenze emhlanganweni obungoLwesine emahhovisi e-South African Police Service (SAPS). Inhloso yalo mhlangano bekuwukuzobhunga ngodaba lwekusasa likaMkhwanazi njengoba isikhathi sakhe ehhovisi siphela ngomhlaka-30 Ndasa (March) 2026.
Ngesikhathi kuqhubeka umhlangano uNtuli uzwakalise ukugculiseka ngezinga eliphezulu lobuholi elitshengiswe uMkhwanazi engukhomishani wamaphoyisa KwaZulu-Natal. Undunankulu ugcizelele ukuthi sizinzile futhi sisesimeni esikahle isimo ebuholini bamaphoyisa esifundazweni ngaphansi kobuholi bukaMkhwanazi futhi bubhekana kahle nezinhlelo zokuqikelela ukuphepha, ukuqinisa uzinzo, nokubamba iqhaza elibonakalayo ekuvikeleni umnotho wesifundazwe saKwaZulu-Natali esimeni la khona ubugebengu obuhlukene bubhokile.
Ngokwesigaba 207(3) somthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka-1996, ukhomishani wamaphoyisa kuzwelonke kufanele, ngokuxhumana nobuholi bukahulumeni obuphethe isifundazwe, aqoke ukhomishani wesifundazwe ngasinye.
UMkhwanazi uthole ukugqama nokuthandwa ngenxa yokungesabi kwakhe ukuthatha izinqumo kanye nokubonakala ezibambele ensimini ehlela umsebenzi wamaphoyisa futhi esebenzisana nezinye izinhlaka zokuphepha.
Ngaphansi kobuholi bakhe kubonakale imikhankaso yamaphoyisa ebisebenzisana nezobunhloli iba nempumelelo. Kulemikhankaso kuhlanganisa ukulwa nobugebengu obuhleliwe, ubugebengu obunodlame, ukukhokhiswa kwabamabhizinisi nezakhamizi izimali, ukubulawa kosopolitiki, nobunye ubugebengu obululaza uzinzo esifundazweni, ikakhulu njengoba kubhekwe okhethweni lukahulumeni wasekhaya.
Undunankulu uthe konke lokhu kube nomphumela omuhle ekugcineni isifundazwe siphephile futhi kwavuselela nethemba elikhulu ezinhlakeni zokuphepha.
Undunankulu ugcizelele ukweseka okuphelele ukuvuselelwa kwenkontileka ka-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi nokuthi uzoqhubeka nokusebenza eduze namaphoyisa kanye nezinye izinhlaka ezigcina umthetho ngenhloso yokwehlisa ubugebengu kanye nokuvikela izakhamizi zesifundazwe saKwaZulu-Natali.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule, mhlaka-6 Ntulikazi (July) 2025, uMkhwanazi wanyakazisa izwe lonke ngesikhathi ebiza isithangami sabezindaba enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini lapho ayededela khona amakati esakeni ngobugebengu nenkohlakalo eyenzeka kuleli ebandakanya osopolitiki, izikhulu eziphezulu zombutho we-SAPS, ezobulungiswa kanye namaphoyisa kamasipala waseGoli nase-Ekurhuleni.
Emuva kwalesithangami umengameli wezwe, uMnuz. Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi uzoqoka ikhomishani ezophenya ngalezinsolo. Kuphinde kwakhiwa ikomiti lesikhashana lephalamende nalo eliphenya lezi nsolo.
