
Unesifiso sokungena emisakazweni emikhulu uPhumlani Thabede osakazela Abaqulusi FM
THI iphupho lakhe ukungena emisakazweni emikhulu uPhumlani Thabede owethula izinhlelo emsakazweni womphakathi ose-Vryheid, Abaqulusi FM.
Njangamanje uPhumlani wenza uhlelo olungena phakathi nesonto kulo msakazo olungena phakathi kwehora lesishiyagalolunye (09:00) ekuseni neleshumi nambili (12:00) emini olubizwa ngokuthi Isithebe Sabaqulusi.
Ngaphambi kokwethula lolu hlelo angene kulo ngesikhathi kushintshwa izinhlelo ngamaholidi okuphela konyaka ubenza uhlelo lwantambama phakathi nesonto olubizwa nge Loxion Epic angabange esabuyiswa kulo ngenxa yokubonakala kwesasasa kubalaleli abebechazwa u “Mr LaPerf”.
UPhumlani odume ngelika “Mr LaPerf” uzalwe wakhulela e-Vryheid nokuyilapho eqale khona imfundo yakhe yamabanga aphansi. Ngaphandle kokuba umsakazi ubuye azibambele mathupha esitolo sakhe i-LaPerf Tuck Shop ayiqambe ngegama eliyisidlaliso sakhe.
Ikhono lakhe lokusakaza ulithuthukise ngezifundo zokusakaza azenze esikhungweni esiqeqesha abasakazi esiseGoli, iNemisa.

Esithombeni: Isikhangiso sohlelo luka Phumlani Thabede lwaphakathi nezinsuku oluthi Isithebe Sabaqulusi
Emsakazweni Abaqulusi FM, uPhumlani uphinde enze uhlelo lwe-jazz oluthi Jazz Corner njalo ngamaSonto phakathi kwehora lesithathu (15:00) nelesihlanu (17:00) ntambama
UPhumlani utshele UMKHAYA ukuthi ukhule engumlaleli wokuqina woKhozi FM nokungabasakazi balo abakhe uthando lokusakaza kuye. Uthe uhlelo obelumhlaba umxhwele kulo msakazo olukaDudu Khoza olungena phakathi nesontophakathi kwehora lesishiyagalolunye (09:00) ekuseni neleshumi nambili (12:00) emini.
“Ngikhule ngingumlaleli wokuqina woKhozi ngiphawula kakhulu nasohlelweni luka mama uDudu Khoza nokuyilo olungakhile. Bengiwumlaleli obehamba phambili endaweni yase-Vryheid”, kusho uPhumlani.
Uthe angakuthokozela ukuvuleka kwethuba lokuthi angene emsakazweni omkhulu nakholwa ukuthi angenza umsebenzi omuhle kakhulu uma enganikwa ithuba.
“Uma kungenzeka livele ithuba lokuthi ngisakaze emsakazweni omkhulu ngingalithokozela kakhulu. Ngicabanga ukuthi umsebenzi wami usukhulile manje nesipiliyoni engisithole ngokwenza izinhlelo ezehlukene emsakazweni singaba usizo olukhulu”, kusho yena.
Abaqulusi FM benze okungajwayelekile ngokufaka umsakazi wesilisa ohlelweni olungena ngesikhathi esivame ukunikwa abasakazi besifazane. Nakuba kunjalo uPhumlani wenza iqiniso lodwa kubalaleli balo msakazo ngephimbo lakhe elishelelayo. Lokhu kufakazelwa izibalo zohlelo ezikhuphukayo. Njengamanje lolu hlelo olunothe ngolwazi nangomculo ohlelekile lulalelwa abalaleli abangaphezu-50 000 nsukuzonke.
