
Umnyango kahulumeni kazwelonke usugxishe nabafuna kushushiswe uNgizwe ngolwezitabane
KUBUKEKA iqonga ingcindezi yokuthi ashushiswe ngenkulumo yakhe ayenze ngezitabane owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu njengoba isingenelelwe umnyango osehhovisi likamengameli wezwe.
NgoLwesine umnyango wezabesifazane, izingane nabantu abakhubazekile oholwa ungqongqoshe uNkk. Sindisiwe Chikunga ukhiphe isitatimende ubika ukuthi uzitholile izikhalo zabantu ngenkulumo eyenziwe uNgizwe lapho abegxibha khona abantu abathandana benobulili obufanayo nobabo okubizwa NGE-LGBTIQA+.
Lo mnyango uthe inkulumo kaNgizwe ibuyisela emuva iminyakazo kahulumeni yokuphucula imithetho yakuleli eletha isithunzi, inhlonipho nokubekezelela abe-LGBTIQA+.

Esithombeni: Isitatimende somnyango wezabesifazane, izingane nabantu abakhubazekile
Uthe lezikhalo ozitholile uzoziludlulisela enhlanganweni elwela amalungelo abantu i-South African Human Rights Commission (SAHRC) nayo ekhiphe esayo isitatimende yathi isazolucubungula lolu daba.
Isekela ngqongqoshe lomnyango wabesifazane, izingane nabantu abakhubazekile uMmapaseka Steve Letsie uyingxenye yomphakathi we-LGBTIQA+ njengoba eyiphila obala lempilo.
UNgizwe inkulumo yakhe uyenze emuva kokubonakala kwezinsizwa ezimbili zishada ngempelasonto esiphuma kuyona.
Abantu abaningi kulezinkundla baphawulile bekugxeka kakhulu lomshado.
Kuma-group nasemakhasini amaningi lendaba ibisematheni, abanye begxeka abanye bezwelana nabathintekayo.
Ngizwe yena wenze i-video lapho akhwele wadilika kuSomizi, ethi uye ofaka imfundiso embi yale mpilo.
UNgizwe uqhubeke wasola uSomizi ngokuyengela uSweet Guluva ebutabaneni, ethi okokuqala wayengameseki ngesikhathi esalwela ukuwina i-Big Brother Mzansi.
Umengameli wamabhinca uphinde wagxeka izinsizwa ebezishada ngempelasonto edlule ngokusebenzisa imvunulo yesintu njengoba ekubiza ngehlazo ezizweni zazo ebezikwenza, egxile kakhulu kule ebifake eyamaZulu.
Uphethe ngokuthi uSomizi akathathe isizwe sakhe ahambe kuleli.
Abaningi bakhale ngenkulumo kaNgizwe ukuthi iyacwasa futhi ingadala isimo esingalawuleki, baqagula ukuthi angase abhekane nolaka lwalo mphakathi obhekene nenzondo esabisayo, njengoba abanye bawo bebulawa ngesihluku emiphakathini.
