
Umhlengikazi ongaqashiwe utetise owesifazane obezithwele kuvimbanise izikhukhula eLimpopo
UMHLENGIKAZI ongaqashiwe usize owesifazane obezithwele wabeletha ngempumelelo umntwana wesifazane ngesikhathi kuvimbanise izikhukhula eMbaula, ngaphandle kwaseGiyane eLimpopo.
Lo mhlengikazi obizwe ngoMaggie Setagane ubone owesifazane obezithwele obehlulwa ukuwela umfula obudla izindwani engakwazi ukufinyelela emtholampilo emuva kwezimvula ezinkulu ezilimaze imigwaqo kuleya ndawo.
USetagane uthe ngesikhathi efika kulo wesifazane amanzi abesenamandla kakhulu. Kanti sekufike isikhathi sakhe sokuteta wamsiza wambelethisa.
“Abantu balahlekelwe izindlu ezingamagumbi kwayishumi (10), nayisishiyagalolulunye (8) abazi bazolalaphi. Abanye bese bebambelela nakuma-ceiling board njengoba izindlu bese zigcwele amanzi. Thina esingathintekanga kuphoqe ukuthi siphuthume siyosiza ngesikhathi amanzi esenamandla. Abesehamba nezindonga, impahla yasendlini nezinye izinto ezibalulekile”, kusho yena.
KWESINYE isigameko esenzeke ngoLwesihlanu, ingane yowesifazane obizwe ngoRadzu Chauke enezinyanga eziyisishiyagalolunye (9) imuke namanzi ngesikhathi bezama ukuwela ibhuloho esifundeni saseVhembe ngenhlanhla yasheshe yatholakala.
