EZEMIDLALOIzindaba

“UMbokazi usekulungele ukuvimba oMbappe noYamal” – Jomo Sono

EMUVA komdlalo omuhle abe nawo ngoLwesibili elakuleli lidlala neNigeria kowokuhlungela imidlalo yendebe yomhlaba, uMbekezeli Mbokazi unconywe insephe uJomo Sono.

USono ongumnikazi nomqeqeshi weJomo Cosmos FC, uthe uMbekezeli usekulungele ukugijima emaqenjini aphesheya kwezilwandle afana ne-Real Madrid noma i-FC Barcelona uma ezoqhubeka nokubamba lomgqigqo adlala ngawo.

Lo mdlali we-Orlando Pirates oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19) usezifake ezinhlizweni zabalandeli bebhola kuleli ngendlela adlala ngayo. Ukhomba ukuvuthwa okukhulu emuva, ubuhlakani bokukwazi ukuvimba amabhola emuva kanye nokumaka, ukuzethemba anakho nendlela athwala ngayo abadlali ebe eshoshela phambili isibonise ukuthi lukhulu olungabhekwa kuyena esikhathini esizayo.

Ngesonto eledlule uvotelwe njengomdlali wenyanga eqenjini lakhe kanti emdlalweni weBafana Bafana ukhale wemuka nomklomelo we-Man of the Match.

IBafana Bafana idlale ngokulingana ngegoli elilodwa neNigeria (1-1) kulo mdlalo obuwuphuka thambo.

Emuva kwawo lomdlalo uSono umncome kakhulu uMbokazi. “Lo mfana akadlali nje kahle kuphela, kodwa kukhona lento ekhethekile ngaye. Uma engaqhubeka kanje eminyakeni emihlanu ezayo uzobe egijima ko-Real Madrid noma i-Barcelona. Sikhona ngekhono elikulelo zinga”, kusho uSono.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com