EzosaziwayoIzindaba

ULaConco uchoma ngomzimba wakhe osubukeka njengowomnyovu

USAZIWAYO owayeyingxenye yohlelo iThe Real Housewives of Durban, uNonkayiso Conco odume ngelika LaConco ususe ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana eveza izithombe zomzimba wakhe osushintshwe waba njengowomnyovu emuva kokuwukhenikha emasontweni edlule.

ULaConco ufake lezithombe eziveza ifiga enzima ku-Instagram, lapho abefake khona ingubo ende futhi emubambayo eveza kahle ukhalo lwakhe olucijile nesisu esincane ethungwe iFudge Boutique.

Esithombeni: Indlela umzimba omusha kaLaconco osubukeka ngayo

Ukukhenikha umzimba wakhe kube kube isipho azinike sona ngosuku lwezithandani mhlaka-14 Nhlolanja (February) 2026 uLaConco onengane ayizala nowayengumengameli wakuleli, uJacob Zuma. Kanti sekungokwesithathu manje ekhenikhwa.

Esithombeni: Umnyovu

Ngo-2022 uke wahlinzwa, ekhishwa zonke izicubu ezingamafutha emzimbeni emuva kokhala ngesisindo, kwase kuthi ngo-2023 waphinde wahlinzwa ezingalweni.

Yize bekhona abasincomile lesingqazu ngesibindi saso, kodwa abanye bakhombise ukungasizwa kahle isinqumo saso.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com