ImibonoISINTU

Ukufa kuyinqubo yemvelo efikela konke okuphilayo (abantu nezilwane)

UKUFA komuntu (ukushona) kuyisiphetho sempilo yasemhlabeni lapho kuphela khona imisebenzi yomzimba nomphefumulo, okuyinqubo engenakugwenywa.

Emasikweni amaningi, ikakhulukazi ngokolwazi lwesintu, ukufa kubhekwa njengokugoduka, kanti ngokwenkolo kubhekwa njengokubuyela othulini noma kuMenzi, obuye abizwe ngoMvelingqangi.

Kuthathwa njengeshwa elikhulu emndenini nasemphakathini.

IZINTO EZIBALULEKILE NGOKUFA KOMUNTU:

Ukushona vs Ukugoduka: Kukhona umehluko phakathi kokushona komuntu osemncane (okubuhlungu) nokugoduka komuntu omdala (okuyisikhathi sokubonga umsebenzi awenzile).

Ukuvakashela abafelwe: Lapho umuntu eshonile, umndeni nomakhelwane bayahlangana (bavakashele) ukududuza abasalele emuva, okuyisiko lokubambisana.

Isimo sengqondo: Izimpendulo zokufa ziyahluka phakathi kwabakholwayo nabangakholwa, kodwa ngokujwayelekile bonke bayazila futhi bayakhala.

Ukufa okungalindelekile: Kwamanye amasiko, ukufa kwengane encane noma umuntu osemncane kubhekwa njengento edabukisayo kakhulu eholela ekudangaleni okukhulu kunokufa komuntu osekhulile, okuthathwa njengesiphetho sendlela yakhe

Ukushona komuntu akufani nokugoduka komuntu. Kugoduka umuntu osekhulile. Kumuntu ogodukile kuyabongwa, kumuntu oshonile kuyakhalwa.

Okubalulekile futhi okumileyo ukuthi kumiselwe ukuba umuntu afe, ngakho bonke abantu bazofa.

Injabulo yasemhlabeni ifana nochwephe lwensipho, olushelela ezandleni lungabambeki.

Uma kuzalwa umuntu abantu bayaphuphuma injabulo, ngoba ukufika komuntu emhlabeni kuyabungazwa. Nokho-ke injabulo akusiyona into yaphakade.

Ukufa akuzibekile phansi kuyagadla mihla yonke, kuqophisana nenjabulo. Ukufa akusabi siqhwaga, nsizwa nantombi, akusabi saguga akusabintsha, akusabi makhosi ezizwe akusabi bafokazane.

Kumiselwe uwonkewonke. Kuzofikela noma ubani, noma kephi. Okusabayo nongakusabi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com