Izindaba

Ukhishwe ohlwini lwabameli obentshontsha imali nezimpahla zabafile

KUMSHUBELE ummeli odumile eGoli, uNonhle “NN” Nkomonde osolwa ngokushaya abhuqe imali zabafile aphinde antshontshe izimpahla zabo.

Inkantolo, i-Pretoria High Court ikuqinisekisile ukuthi i-Legal Practice Council (LPC) imphucile amalungelo obummeli uNkomonde nokuyinto ethuse abaningi.

Lo mmeli usolwa ngokudlulisa imali engu-R2 million isuka ku-account yekhasimende lakhe eseladlula emhlabeni uDkt. Frank Lubenga, wayifaka ku-account yakhe.

Uthathe lemali wathenga ngayo imizi eyisishiyagalombili (8) eSoweto nase-Orange Farm ngo-2023.

Kwelinye icala, usolwa ngokushintsha ubunikazi bendlu yekhasimende lakhe elineminyaka engamashumi ayisithupha nanye (61) e-Orlando East, eSoweto wayifaka ngaphansi kwenkampani yakhe yabammeli wase eyidayisa ngo-R3000 000.

Yize esekhishiwe ngaphansi kohlu lwabameli kodwa usaphenywa ukuze kubhekwe ukuthi awekho yini amanye amacala angabekwa wona.

Bayanda abameli ababandakanyeka emacaleni alolu hlobo eningi Afrika nokuyinto ekhathaza abaningi ngezinga nobuqotho bomsebenzi wobumeli nokuqashwa kwawo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com