EZIKAQEDISIZUNGUEZOKUVAKASHAIzindabaUmculo

UKelly Khumalo uzojabulisa abe-Pirates ne Chiefs

KULINDELEKE ukuthi sibe ingxenye yomcimbi omkhulu we-Jazz e-Eastern Cape, iSoulful Sunday isihlabani somculo we-Afropop eNingizimu Afrika, uKelly Khumalo.

Lo mcimbi obizwa nge-Eastern Cape Jazz Festival uqale ngo-2022 futhi uba minyaka yonke njengoba kulo nyaka uzoba kuGaMpopo City, mhlaka-26 Mbasa (April) 2026 eRonnie’s Motors eBalcony Bay.

“Ngihlale ngibhekile ukuthola uthando, imfudumalo nokucula nabantu uma ngingena e-stage. Ingoma yami ethi Rebirth izophuma ngenyanga ezayo, okuwumsebenzi ebengimatasa ngawo”, kusho uKelly.

Abanye abazonandisa kulo mcimbi obalwa nemikhulu e-Eastern Cape, o-Alungile Lamani, Blackman, Slogan no 40 Kompakt.

Kulo mcimbi kuzophinde kukhangiswe imisiko yengqephu yamaciko endawo, kuphinde kuhlinzekwe ngokudla nangeziphuzo.

Abalandeli bebhola abashiwanga ngaphandle njengoba kuzoba nobhazabhaza we-screen okuzokhonjiswa kuso umdlalo weBetway Premiership wezimbangi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

“Kuyasithokozisa ukusingatha iSoulful Sunday. Ukelly, okuyiciko lasekhaya, abengqephu nabazohlinzeka ngokudla, ne-screen okuzobukwa kuso umdlalo womkhaya – kuzonika abantu injabulo ephelele.”, kusho uMlindi Ntloko oyi-CEO e-Eastern Cape Jazz Festival.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKelly usolwa abantu abaningi ngokuba nesandla ekufeni kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana. UMeyiwa wabulawa emzini wakubo kwentombi yakhe (uKelly) ose-Vosloorus, eGoli mhlaka-26 Mfumfu (October) 2014.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com