EZEMIDLALOEzosaziwayoIzindaba

UJATSHULISWA UKWEHLA ‘KWENONI’ U-ANDILE MPISANE

SIHLEKA sodwa isikhulu sekilabhu yebhola, i-Royal AM u-Andile Mpisane njengoba sehla emzimbeni. UMpisane obuye abe umculi nomethuli wezinhlelo kumabonakude usegquqguzele abaningi ngalokhu kuncipha kwakhe kulezi nsuku.

Muva nje umlolongi wake, u @sbothetrainer ufake isithombe sikaMpisane ekhasini lakhe lika-Instagram ekhombisa abalandeli bakhe ibanga eselihanjwe uMpisane empini yakhe yokwehlisa umzimba. Abantu abaningi kubathusile abakubonile njengoba uMpisane oyindodana ka-Shawn Mpisane ubegxekwa ngapha nangapha ngenxa yokuba nomzimba omkhulu ekubeni ewumdlali webhola.

Nokho emuva kokubona izithombe ezitshengisa umzimba wakhe omdala nomusha babaze amandla okuzinikela nokuzimissela entweni uma uyihlosile.

“Ngesikhathi u-Andile eqala nami lolu hambo lwakhe lokwehlisa isisindo ubeshaya isisindo esingu-98kg. Ngenxa yokusebenza kwakhe kanzima, ukuzinikela nokugxila entweni ayenzayo njengamanje usenesisindo esingu-85kg”, kusho u @sbothetrainer.

“Kuyathokozisa ukumbona esengaka nokubona ukuthi ukuzimisela kwakhe kumsebenzele. Qhubeka kanjalo Andile, okuhle kuyeza”, kusho yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com