
Luxhaswe osondonzima olokuhlukanisa unyaka eGagasini
INKAMPANI enkulu yabangcwabi eyenza imingcwabo esezingeni eliphezulu Icebolethu Group iqinisekise ekhasini layo lika-Facebook ukuthi izoxhasa uhlelo lokuhlukanisa unyaka mhlaka-31 Zibandlela (December) 2025 kuGagasi FM.
Le nkampani ithe ikholwa ukuthi yilesiteshi kuphela esizokwazi ukuhlanganisa abantu abaningi futhi abehlukebe ndawonye. Isho njalo nje abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana balokhu bezwakalisa ukuthi yilo iGagasi FM elizophakela abalaleli ubisi lwento njengoba emoyeni kuzobe kusakaza u-Selby “Selbeyonce” Mkhize noLinda “Mr Magic” Sibiya, bobabili abake basakaza emsakazweni we-SABC, Ukhozi FM.
Bobabili laba bazongena ngehora lesishiyagalolunye ebusuku (21:00) kuya phakathi kwamabili (00:00).
Enye inkampani exhase uhlelo lokuhlukanisa unyaka kuGagasi FM, iNandos edume ngokupheka inyama econsisa amathe.

Esithombeni: Icebolethu Group lingabanye babaxhasi bohlelo lokuhlukanisa unyaka kuGagasi FM
Njengoba usuku lonke nje lwangomhlaka-31 Zibandlela kuzobe kudlalwa izingoma ezingu-100 ezihamba phambili kulesi siteshi esisakazela e-Cornubia izinhlelo nabasakazi kuzoma kanje:
01h00–04h00: Midnight Sound no Ngcebo Bhengu
04h00–06h00: Sunrise Sessions no Lusanda Mnqayi
06h00–08h00: Gagasi FM Gospel no Khulekani Mbambo
08h00–10h00: Gagasi FM RnB no Collen Zondo
10h00–12h00: Dancehall, Afro Pop & Hip Hop no Nkulee Mbatha
12h00–14h00: Gqom, Piano & House no Sbu Lushozi
14h00–16h00: Gagasi FM Top 100 Countdown no Mkay Music & S’phokuhle Luthuli
16h00–18h00: Gagasi FM Top 100 Countdown no Minnie Ntuli & DJ Sonic
18h00–19h00: Gagasi FM Top 100 Countdown no DJ SpheLive & DJ Happygal
19h00–21h00: Gagasi FM Top 100 Countdown no Njabs Zwane & Heazy
21h00–00h00: Gagasi FM Crossover Show – Selbeyonce & Linda Sibiya
00h00–01h00: GMS Dance no Sizwe Sibisi
