EZISEMATHENI

Ugwetshwe iminyaka engu-15 owabulala owayedume “ngokushaya” ibhodwe

UMNUZ. Sbusiso Zitha ugcine egwetshwe iminyaka engi-15 inkantolo iGauteng High Court ngecala lokubulala umpheki owayedumile uThembekile “Pastry Princess” Letlape.

UZitha owayeyisoka likaLetlape waboshwa emuva kokuzivumela yena ukuthi wabulala uLetlape ngomhlaka-30 Nhlaba (May) 2024 ngokumgwaza inqwaba yamanxeba kubuka ingane yabo eyayineminyaka ewu-10.

Ngesikhathi lethula isigqwebo, ijaji Shanaaz Mia lizwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwesibalo sokubulawa kwabantu besifazane ezweni abalingani babo.Uthe isigwebo asinike uZitha simfanele futhi sizoba isifundo nakwabanye.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com