
UGogo Maweni nomyeni wakhe bathi amawele abo aluqinise kakhulu uthando lwabo
BAYIVEZELE umphakathi injabulo yabo emuva kokuthola amawele amabili (2) uMakhotso “Gogo Maweni” Mofokeng nomyeni wakhe.
Labazali abangosaziwayo bafake inqwaba yezithombe ezinkundleni zokuxhumana bethokozela ukufika kwabantwana babo ababili emhlabeni.
“Ezinsukwini eziyishumi ezedlule uthando lwethu luqine kakhulu, kanye nobumbano lwethu lwaba namandla”, kusho bona.
Laba bathe uhambo oluphethe ngokuzalwa kwalamawele lubenze bathandana kakhulu.
Ngesikhathi ekhuluma kwi-podcast ka-DJ Sbu i-Hustler’s Corner ngonyaka odlule, uMaweni wathi bazosebenzisa i-In-Vitro Fertilization (IVF) ukuthola umntwana – okuyindlela yokukhulelisa lapho kukhishwa khona iqanda likhuliswe ngaphandle kwesibeletho (kwesinye isikhathi liyabuyiselwa esibelethweni).

Esithombeni: UGogo Maweni nomyeni wakhe ngaphambi ngokuteta amawele
Ngonyaka odlule uGogo Maweni nomyeni wakhe bashade ngokwesintu ekhaya likamkhwenyana eMaqongqo eMgungundlovu.
Ukufika kwamawele kube ngezinye izindaba ezengeza injabulo empilweni yabo. Kuzokhumbuleka phela ukuthi uke waba nezinkinga zokuphambana nomthetho.
Uke wachitha isonto lonke etholoza ejele ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza elenzeke ngo-2019. Ugcine ephuma nge-R5000 ngalelo cala.
