
Ugile isimanga umlisa waseMnambithi elala nesidumbu sentombi sekuphele izinsuku ishonile
WENZE okungajwayelekile umlisa waseZakheni ka-E eMnambithi ehlala nesidumbu sentombi yakhe izinsuku emuva kokushona.
Lomlisa esiligodlile igama lakhe, kuthiwa ubevele ehlala naye lona wesifazane endlini, nokuthe uma ehlatshwa wukugula emavikini ambalwa edlule, walaliswa esibhedlela.
Omakhelwane bathi lomlisa uhambe wayomlanda esibhedlela ngeledlule, ufike washonela endlini kodwa lomlisa wathula wangasho wahlala nesidumbu khona lapho endlini.
Noma kungacaci ukuthi lomlisa uhlale nalesi sidumbu izinsuku ezingaki, kodwa kuthiwa kuzwakale ngephunga elidale ukuthi omakhelwane basole ukuthi kukhona okushaya amanzi.
Emuva kokuthi abanye bomakhelwane bezijubile bayobheka ukuthi kwenzakalani, bathole ukuthi lona wesfazane akasekho futhi usenesikhathi eshonile. Umphakathi kuthiwa uthe ukuxoxa naye lomlisa kwase kubizwa amaphoyisa zabe sezimkhalela.
Zikhona nezinsolo ezingakaqinisekiswa zokuthi lomlisa ubebuye azitike ngaye ngocansi lona wesilisa evele eseshonile.
Kubikelwe amaphoyisa waboshwa lomlisa.
*Lolu daba luthathwe ezikweni uThukela News Times Plus
