EZIKAMABONAKUDEIzindaba

UBrandon Maphake uchaza indawo ayidlala kuSkeem Saam njengohambo lwezikamoya nokuvuselelwa komphefumulo wakhe

UTHI indawo ayidlala kuSkeem Saam ingaphezu kokulingisa kodwa iwuhambo lwezikamoya nokuvuselelwa komphefumulo, uBrandon Maphake olingisa indawo ka-Amukelani Hlongwane.

Eminyakeni embalwa edlule uBrandon ubengomunye nje wama-content creator agcwele kuTiktok. Nokho bekubonakala ukuthi lukhulu angakwenza uma enganikwa ithuba ezigcawini ezinkulu.

Namuhla ungumlimgisi owenza kahle kakhulu emdlalweni owuchungechunge odlala phakathi nesonto ku-SABC 1.

Ku Tiktok waziwa ngegama lika @brandonmaps, kanti unabalandeli abangaphezulu kuka-664 000 abazifelayo nge-content yakhe.

Ithuba lakhe lokuqala kumabonakude alizanga ngoba esedume kuTiktok kodwa walithola emuva kokuba ingxenye yenhlolokhono nokwaba isiqalo sakhe sendlela ebheke kuSkeem Saam.

Uqale ukubonakala kulo mdlalo ongena phakathi nesonto ngomhlaka-2 Nhlolanja (February) 2024 lapho alingisa khona indawo yendondana kaDkt. Hlongwane waseTurf Hospital.

Kulo mdlalo ungumfundi esikoleni sendawo, Turf High School. Ngesikhathi efika kube nedumela kwazise amantomzane abechazeka ngaye kanti abafana bona bebengakhululekile ngalokho.

Indawo ayilingisayo ilokhu ikhula unyaka nonyaka selokhu eqalile ukuqopha iziqephu, nokwenza uBrandon azigqaje kakhulu ngayo. Uyaziqhenya kakhulu ngokudlala lendawo kanye neqhaza elibambile empilweni yakhe.

Ubhale ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana wathi” “Amukelani Hlongwane

mfanaka.. ngingaqala kuphi?

Ukungena ezicathulweni zakho kungaphezu kokulingisa kodwa kuwuhambo lwezikamoya nokuvuselewa komphefumulo. Ngawe, ngizwa ukugqugquzeleka, ukuncika, umlilo neqiniso. Ukukhanya kwakho akukhanyisi nje ukuze kubonakale kodwa kufike emiphefumulweni yabaningi futhi kwaqubula intshisekelo yangempela, engapheli.

Ukukulingisa kungikhumbuze ukuthi kungani kufanele sixoxe izindaba ezinyakazisa abantu, ezivusa utho olungaphakathi kubo, olushiya umaka ngisho ngabe sekuphele konke.

Ngikusho lokho ngesiqiniseko.. akusilo uvuthondaba. Lesi isingeniso sendaba. Isiqalo sezinto ezinkulu, ezihlelelwe ukuhamba ibanga elide ukudlula lapho abaningi bethi sogcina khona”, kusho uMaphake.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com