
Ubonge I-Generations: The Legacy Ngethuba Umlingisi Othuthela Ku-e.tv
Umlingisi obengaconsi phansi kubabukeli bomdlalo oboniswa ku-SABC 1 phakathi nesonto, i-Generations: The Legacy usethuthela ku-e.tv lapho ayodlala khona emdlalweni omusha Isiphetho: The Destiny. UKope Makgae obedlala indawo kaMrekza usevalelisile kozakwabo emsebenzini wakhe omdala njengoba esevele eqalile ukuqopha iziqephu zomdlalo omusha.
UMakgae uzolingisa indawo kaMosa kulo mdlalo onenqwaba yezihlabani ezifana nomlingisi woZalo uGugu Gumede ozodlala indawo ka-Connie. Abanye abalingisi abanegama abakulo mdlalo uMbalenhle Mavimbela odlala ku-Wife no Thulani Mtsweni.
Lomlingisi okhonze ukwenza amahlaya ubonge bonke ababambe iqhaza ekutheni afike kuleli zinga akulona manje. “Ngibonga bonke abangisize ukuthi ukuthi ngibe ilomuntu engiwuyena namhlanje. Ikhono lami lithuthikile futhi ngiyakwazi ukondla umndeni wami, ngiyabonga. Kube isikhathi esimangalisayo ukudlala nezinkakha ezifana no @manakaranaka no @cosmo170. Kube nzima ukuvalelisa kozakwethu abese bengabangani nomndeni wami.
“Kubo bonke ababukeli abebengivumela ngingene ezindlini zabo bebuke ebengikwenza kumabonakude ngiyabonga . Ngiyathobeka kakhulu. @ditebogoledwaba sengikukhumbule kwamanje, ngiyabonga bafowethu”, kusho uMakgae.
UMakgae obuye abizwe ngelika-Tswyza uqale ukuvela kumabonakude ngendawo kaMreza ayidlale ngobunono ku-Generations: The Legacy. Ungowokudabuka eLebowakgomo eLimpopo kanti idolobha elikhulu langakubo iPolokwane. Ungubaba wabantwana abathathu abazala kuMpotseng asebudlelwaneni bezothando naye kusukela ngo-2015.
Okunye abantu abangakwazi ngoMokgae ukuthi ungumculi oqophayo futhi unama-album awakhiphe nabanye abaculi abanegama. Uke wafunda e-University of Limpopo lapho ethole khona i-degree ye-media studies, okuthe emuva kwalokho wathwala izikhwama zakhe waya eGoli eyohlanganisa impilo.
