EzosaziwayoIzindaba

Ubalwa neyonyaka umshado wezinsuku ezintathu kaKhuli Chana no Lamiez Holworthy

INQOPHAMLANDO yezinsuku ezintathu yomshado kaKhulane “Khuli Chana” Morane noNtokozo “Lamiez Holworthy” Dlamini iqale ngoLwesihlanu, mhlaka-10 njengoba kulindeleke ukuthi iphele ngeSonto.

Kulo mshado obuseMahikeng womrepha uKhuli nomsakazi weMetro FM, uLamiez kumenywe abantu abasondelene nabo kuphela, umndeni, abangani nosaziwayo abambalwa.

Laba into yabo iqale ukugqama ngo-2018, futhi bangosaziwayo asebethandane isikhathi eside nokuyinto engavamile kulo mkhakha. UKhuli uthumele abakhongi kubo kaLamiez ngo-2019, emuva kwalokho ngo-2023 bathole inkosana yabo, uLeono-Laone Zion Marule.

Abantu abaningi bebezitshela ukuthi lezithandani sezivele zingabashadikazi ngendlela abeziphila futhi zazisana ngayo. Umshado wabo obungowesilungu, ohlanganiswe nowesintu ubuwubukhazikhazi futhi izinga lawo liphezulu.

Kubonakale ama-video ehlukene ezinkundleni zokuxhumana kaKhuli no Lamiez bedansela ingoma yakuleli eculwa uThato Molupe ethi Seanamarena, kumnandi kunjeya.

Sebeqalile ukuqagela ngawo abantu ukuthi ungase ubalwe nemishado yonyaka futhi ezoba sematheni isikhathi eside.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bababongele labashadikazi. Banxusa ukuthi beqhubeke nokusekelana futhi bangayeki ukwazisana njengoba bedume kanjalo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com