EZISEMATHENI

U-Young Stunna uchithe izinsolo ezenziwe uTebogo G Mashego ngaye zokuthi uyistabane

USEMATHENI kulezi nsuku umculi we-Piano kuleli, uSabelo “Young Stunna” Msimango emuva kwezinkinga ezehlele uTebogo G Mashego eNigeria

Ngesonto eledlule kusabalale ama-video kaTebogo G Mashego wodumo lwengoma ethi Biri Marung ekhala ngokuhlukunyezwa eNigeria emuva kokulaxazwa abantu abefike nabo.

Emuva kokucela usizo ukuze abuyele ekhaya, ugcine esizwa u-DJ Karri omhlanganisele ibhanoyi eliza eNingizimu Afrika.

Esithombeni: UTebogo G Mashego

Kuningi abekusho kuma-video uTebogo efuna nezimali zakhe kwabamkweletayo. Amagama abehamba phambili elika-DJ Maphorisa, Magroetman, Khabatga Kaosane, Scorpion Kings namanye.

NgoMsombuluko unontandakubukwa obhala izindaba zabantu, uMusa Khawula ufake i-video ka-Young Stunna wodumo lwengoma ethi Adiwele ekhasini lakhe, echaza ngezinsolo ezenziwe uTebogo zokuthi uyistabane.

U-Young Stunna usanda kushintsha isithombe se-profile yakhe ku-Instagram wafaka esikaTebogo, wase ebhala i-caption ethi “Khanda khulu”.

Kule-video u-Young Stunna uyaphika ukuthi uyisitabane futhi uchaza kabanzi nobunzima bokuba umculi kuleli ngoba njalo uma abantu bexakwe zinkinga zabo zezimali nezobudlelwano benza izinsolo ngabanye.

Yize ephika ukuthi uyistabane u-Young Stunna, akusikhona okokuqala esolwa ngalokhu.

NgoLwezi (November) 2023 ngesikhathi kwasabalala i-video yakhe eno-Masterpiece YVK abantu baqala ukumsola, bebabiza bobabili ngama-after 9 (abantu abathandana nabanobulili obufanayo nobabo ngokufihla).

Emuva kokubona le-video iningi labantu liphawulile, liveza imizwa eyehlukene.

U-@DeepHouseFrea uthe: “Angabukeka njengestabane kodsa akasoba. Alikho i-gay eline-down syndrome”.

@Orania_RSA ubhale wathi: “Make waqala wachaza nje, kusho ukuthi ungomunye womphakathi wama-alphabet. @ChealseaChiefs uthe: “Yini ngezitabane ezisazifihla ngo-2025? Bengithi siyaziwa lento ukuthi iyenzeka”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com