EzosaziwayoIzindaba

U-Emtee useveze obala iqiniso ngokwehla kwakhe emzimbeni

UMREPHA waseNingizimu Afrika, uMthembeni “Emtee” Ndevu wenze u-Live ekhasini lakhe le-Instagram echaza kabanzi ngoshintsho olwenzeka emzimbeni wakhe.

Lo mculi wodumo lwengoma ethi Roll Up utshele abalandeli bakhe ku-Instagram Live ukuthi ukwehla kwakhe akusiyo into okumele ibathuse njengoba iyingxenye yohambo lwakhe lokuzinakekela.

“Ngehlelwe isisindo ngoba ngisohambeni lwempilo”, kusho u-Emtee ehlisa amaphaphu kubalandeli nakwabezindaba.

Abantu bathuswa ukwehla masisha komzimba walo mculi nje, basanda kushaqeka bembona ecishe ewa e-stage emcimbini owawungomhlaka-6 Zibandlela (December) 2025 e-Abidoza eTshwane. Kulo mcimbi u-Emtee wabonakala ephelelwa amandla ephakathi e-stage enandisa, entengezela nombhobho esandleni nokwathusa abantu abaningi ngesimo sakhe sezempilo.

Inkampani aqopha kuyo u-Emtee Records yakhipha isitatimende ixolisa ngokwenzeka ibeka izizathu zokukhathala kwazise miningi imicimbi aqashwe kuyo kanti nesikhathi sokuphumula akasitholi. “Indlela asebenza kanzima ngayo isize yamnqoba”, kusho isitatimende se-Emtee Records.

Abantu abaningi ezinkundleni bese behlanganisa ukwehla kwalo mculi nezingxabano anazo nabanye ozakwabo endimeni yomculo bethi uloyiwe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com